Bangaphezu kwenkulungwane abavukuzi asebephumile ngaphansi komhlaba eStilfontein
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amaphoyisa aseNorth West athi bayi-1 420 abavukuzi abangekho emthethweni abaphume ngaphansi komhlaba emigodini ehlukene yezimayini engasasebenzi endaweni yaseStilfontein,
Lokhu kwenzeka kusukela kuqale uLwezi, lapho amaphoyisa eqala ukuqapha yonke imigodi yezimayini engasasebenzi kule ndawo.
Okhulumela amaphoyisa eNorth West uColonel Adele Myburgh uthe “Kuze kube uLwesihlanu, bayi-1414 abavukuzi abangekho emthethweni abaphinde baphuma emigodini eyahlukene yezimayini engasasebenzi kanye nomgodi wemayini iMargaret eStilfontein. Izidumbu eziyisishiyagalombili seziphelele zitholwe eBuffelsfontein nr 11 Shaft. NgoMgqibelo ekuseni, kwaqhamuka abanye abavukuzi abayisithupha abangekho emthethweni e-Margaret shaft. Bonke babengabokufika baseMozambique. Isibalo esiphelele sabavukuzi abangekho emthethweni asebephumile ngaphansi komhlaba siyi-1420.”