Now Reading
Unephupho lokuvimbela iChiefs obesesikwatini seTheku
Dark Light

Unephupho lokuvimbela iChiefs obesesikwatini seTheku

UMinenhle Mshengu ongunozinti weqembu eligijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League iMidlands Wanderers FC, uveza ukuthi kwamkhuthaza kakhulu ukubona uzakwabo esayiniswa i-Orlando Pirates.

NgoNhlangulana nonyaka uBayanda Zulu naye obengunozinti wayo iMidlands Wanderers FC wathola amadlelo aluhlaza ngesikhathi esayiniswa iPirates, wagqama ngesikhathi edlala kumqhudelwano waminyaka yonke iPirates Cup. Lo nozinti oneminyaka yobudala eli-19, ubhaliswe naseqenjini elikhulu leZimnyama.

“UZulu besinaye eqenjini ukusayiniswa kwakhe iPirates, kwangikhuthaza kakhulu ukuthi nami ngisebenze kakhulu hleze ithuba lokuvimbela iqembu elikhulu lifike. Sikhuluma naye nsuku zonke, angikhuthaze ekutheni akukho okungenzeki. Nalapho engingenzanga kahle khona ngiyamazisa angibonise” kusho uMshengu oneminyaka yobudala eli-18.

Uyiqale kahle kakhulu isizini njengoba emidlalweni eyi-9 yeligi edlalwe iMidlands Wanderers FC unama-Cleansheet ayisithupha.

Ungomunye wabadlali akade bedlala esikwatini seTheku ebesidlala imidlalo eyaziwa ngokuthi amaSalga KZN DSAC Games abaseThekwini.

“Kungijabulise kakhulu ukuthi imisebenzi yami emihle iyabonakala, njengoba ngibizelwe esikwatini salapha eThekwini. Lokhu kungikhuthaze kakhulu, ngibonga umqeqeshi wonozinti uPhakamani Casillas Nxumalo ohlezi enza isiqiniseko sokuthi usifundisa izinto ezehlukile nezisilekelayo ukuthi sikhule njengonozinti” kusho uMshengu obukela kakhulu uRonwen Williams ongunozinti weMamelodi Sundowns.

See Also

ITheku lihlulwe kowamanqamu kumaSalga KZN DSAC Games, lihlulwe isifunda uThukela emdlalweni obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza izolo ngeSonto.

UMshengu uthe unephupho lokuvimbela iqembu alithanda kakhulu iKazier Chiefs.

Scroll To Top