Isigungu esiphezulu se-ANC sizonquma ngokuhlakazwa kobuholi ngoMasingana
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-African National Congress (ANC) ithi izobiza umhlangano weNational Executive Committee (NEC) ekuqaleni kukaMasingana ukubheka ikusasa lamaProvincial Executive Committees (PEC) eqembu KwaZulu-Natal naseGauteng.
Umhlangano we-NEC obuhlelelwe le mpelasonto ngeke usaba khona. Lokhu kuvele ngemuva komhlangano obuse-East Rand eGauteng weNational Working Committee (NWC) yaleli qembu nabaholi baleli qembu eGauteng ukudingida ngokwehla kokwesekwa esifundazweni.
Kucatshangelwe izindlela eziningi okuhlanganisa ukuhlakazwa kobuholi kwezifundazwe zombili, ukuzishiya zinjalo noma ukuzinika amandla. UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthe lesi sinqumo bazosithatha kuphela ngemuva komhlangano wabo we-NEC ngonyaka ozayo.
UMbalula uthe, “Azikho izinhlaka ezihlakaziwe, kuzobhekwa zonke izindaba, kanti isinqumo esingujuqu sizothathwa ngoMasingana wonyaka ozayo. Besizohlangana kuleli sonto emhlanganweni wethu wokugcina we-NEC kodwa sinokuvakasha okubili kombuso okwenzeka ngokulandelana. Siphinde sibe ne-SACP National Congress futhi sibe ne-SASCO Congress, ngakho-ke ngeke kusinikeze isikhathi esanele sokuthi i-NEC ihlale ngomhla zili-16 icubungule izindaba. Ngakho sizinike leso sikhathi ekuqaleni konyaka ukuthi sibhekane nezindaba ezizozifikisa emaphethelweni. ”