Now Reading
URamokgopa uthembisa ukusebenzisana nomasipala mayelana nezikweletu zika-Eskom
Dark Light

URamokgopa uthembisa ukusebenzisana nomasipala mayelana nezikweletu zika-Eskom

UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthembise ukusebenzisana nomasipala abathwele kanzima kuleli ukuze babhekane nezikweletu zabo kwa-Eskom. UNgqongqoshe uvakashele uMasipala waseTokologo eBoshof eFree State ukuyolungisa izinkinga zezikweletu zikamasipala.

Lomasipala ukweleta lenkampani ephehla ugesi izigidi ezingama-R328. Lomasipala ugcine ukukhokha ingxenye yesikwelete eminyakeni emithathu edlule.

U-Eskom ubehlose ukwehlisa ukuphakelwa kukagesi ekupheleni kukaMasingana wonyaka ozayo kodwa leso sinyathelo sesihoxisiwe. UNgqongqoshe uRamokgopa uthi umasipala kanye nohulumeni wesifundazwe bazobheka ukuthi baluxazulula kanjani lolu daba.

Scroll To Top