I-DA isixwayise uRamaphosa ngokuxosha uNgqongqoshe uGwarube
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IDemocratic Alliance (DA) ithi nakuba uMengameli enegunya lokuqasha nokuxosha iKhabhinethi yakhe, kufanele akhumbule ukuthi i-African National Congress (ANC) iqembu lakhe alinqobanga ukhetho ngeningi (majority).
Lokhu kulandela imibiko ethi kunohlangothi kuKhongolose oluphoqa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi axoshe uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube. Okhulumela iDA kuzwelonke uWillie Aucamp uthi uma uRamaphosa exosha uGwarube nanoma yimuphi omunye wongqongqoshe abadlelana neDA, uHulumeni weNational Unity (GNU) uzophela.
“Siyakuqonda ukuthi uMengameli onegunya lokuqasha nokuxosha iKhabhinethi yakhe kodwa uMengameli kumele akwazi futhi akukhumbule ukuthi akaseyena umholi weqembu elineningi. Akusafani njengohulumeni odlule. UMengameli ukhona ngoba bekumele bangene kumfelandawonye noma lo Hulumeni Wobumbano Lwesizwe neDemocratic Alliance futhi kwaba nesivumelwano sokusebenzisana esasayinwa.” Kuchaza u-Aucamp.