Now Reading
UNgotsha usecacise ngomnqamulajuqu wokubhaliswa kwama-spaza
Dark Light

UNgotsha usecacise ngomnqamulajuqu wokubhaliswa kwama-spaza

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA) uVelenkosini Hlabisa uthi umnqamulajuqu wokubhalisa ama-spaza shop njengokusho kukaMengameli uCyril Ramaphosa uzophela ngesonto elizayo ngoLwesibili hhayi namhlanje.

Lokhu kuza njengoba amabhizinisi amancane ezwakalisa ukuphatheka kabi ngale nqubo. Bathi imithetho nemigudu komasipala yenze lolu hlelo lwaba inselele. UHlabisa usexolisile ngokudideka okukhona emphakathini.

UNgotsha (abakwaHlabisa) uthe, “Ngifuna okokuqala ngixolise nganoma yikuphi ukungaxhumani kahle okungenzeka kudale ukudideka, izinsuku ezingama-21 ziphela ngoLwesibili, zingama-17 kuLwezi, hhayi namhlanje ngoba kubalwa izinsuku zokusebenza. UMongameli wenze lesi simemezelo ngoLwesihlanu kusihlwa, futhi usuku lokuqala lokusebenza kwaba uMsombuluko walelo sonto elilandelayo, bese kuthi uMsombuluko wesonto elizayo, umhla zili-16 uyiholide lomphakathi, awukwazi ukulibala, ngakho-ke izinsuku ezingama-21 ziyaphela ngoLwesibili.”kuchaza uNgotsha.

Scroll To Top