Now Reading
Uhulumeni kumele afunde ukufeza izethembiso zakhe kubantu: Fikeni
Dark Light

Uhulumeni kumele afunde ukufeza izethembiso zakhe kubantu: Fikeni

USihlalo weKhomishana yabaSebenzi bakaHulumeni, uSolwazi uSomadoda Fikeni, uthe uhulumeni ubhekene nenkinga yokushoda kokuthenjwa ngabantu. UFikeni ubekhuluma emhlanganweni wezinsuku ezimbili wokulwa nenkohlakalo obuholwa umkhandlu oluleka ngokulwa nenkohlakalo eBoksburg, eGauteng.

UDkt uFikeni uthe uhulumeni kumele afunde ukufeza izethembiso zakhe kubantu. “Sithembisa izinto… asizenzi izinto. Siqhamuka nezinto futhi sizihlinzeke uma abantu bengazicelanga. Futhi lokho kuphambene nesahluko se-10 seSigaba -195 seMithetho-sisekelo kanye neMigomo Yezisebenzi Zikahulumeni ethi abantu kufanele babambe iqhaza futhi izidingo zabantu ziphendulwe.”

“Abantu bayaye bathi siwadinga kakhulu amanzi, bese befika abantu bavele bakhe ihholo lomphakathi ngoba simatasa nalokhu kukhuluma sodwa abantu singabenzi ingxenye yezinkulumo,” kwengeza uFikeni.

See Also

Khonamanjalo, ngeSonto, i-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa) ithe ukusetshenziswa budedengu kwezimali zomphakathi kuyinkinga esaqhubeka nokuhlupha izwe. Ukuphawula kwe-Outa kuqhamuke ngesikhathi umhlaba wonke ugubha i-United Nations’ International Anti-Corruption Day ngoMsombuluko.

Scroll To Top