Now Reading
UParker usamvusela iminjunju umdlalo wamanqamu eCaf Champions League
Dark Light

UParker usamvusela iminjunju umdlalo wamanqamu eCaf Champions League

Wayezoba umdlali wokuqala emlandweni kwiChiefs ukuqukula indebe yeCaf Champions League njengoba wayengukaputeni.

Lowo owabe engumdlali weKaizer Chiefs uBernard Parker uthi kuze kube imanje usabuzwa ubuhlungu bokuhlulwa kumdlalo wamanqamu eCaf Champions League i-Al Ahly.

Lo mdlalo wabe ungonyaka wezi-2021 eMohammed V Stadium, eMorocco nalapho iChiefs yaguqa khona ngamagoli amathathu eqandeni.

“Lo mdlalo kuze kube inamhlanje ngike ngifise engathi uqala maphansi silungise amaphutha, bese siyawunqoba nathi sibe nenkanyezi. Ukuhlulwa kuwona kwangiziswa okukhulu ubuhlungu, kwazise ngalolo suku imina owayephethe ibhande lakaputeni. Okusho ukuthi ngangizoba ukaputeni wokuqala emlandweni kwiChiefs ukuphakamisa inkomishi yeCaf Champions League” kusho uParker obeseThekwini ehambe umcimbi womkhankaso weCarling Black Label #NoExcuse.

IChiefs yaqeda umdlalo ingasaphelele njengoba uHappy Mashiane wabe esephume ngekhadi elibomvu, lokho kwaba enye into eyalimaza leli qembu laseNaturena.

“Sakhuluma singabadlali ukuthi kumele senze njani ukuze sikwazi okungenani sidlale ngokulingana bese siya kumaphenathi. Ngomzuzu wama-53 i-Al Ahly ithola igoli ilapho esabona khona ukuthi sekuzoba nzima. Ukuthola ikhadi kukaMashiane kwasilimaza khona impela, kodwa nathi singabadlali kwakumele sikwazi ukudlala ngaphansi kwencindezi” kubeka uParker oseqeqesha iqembu leTS Galaxy elidlala kwi-DStv Diski Challenge (DDC).

See Also

Ungumdlali ongaseze alibaleka kwiChiefs njengoba emlandweni kunguyena umdlali onamagoli amaningi angama-61 emidlalweni engama-364 wakhanda amagoli angama-40.

Nguyena mdlali wokugcina ukuthola iPSL Golden kwiChiefs ngesizini yangowezi-2013/14, kanti leli qembu ligcina ukunqoba iNedbank ngesizini yangowezi-2012/13 uyena uParker owashaya igoli lokuwina bebhekene neSupersport United kumdlalo owawuseMoses Mabhida Stadium.

Scroll To Top