U-Erick Khoza uphinde wathola ithuba lokuyomela iNingizimu Afrika njengoba eqokwe ukuba ngelinye lamajaji empini yeWorld Boxing Council (WBC) Africa Junior Featherweight.
UNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uThami Ntuli uphonsele inselelob amaqembu akulesi sifundazwe amabili adlala kuMotsepe Foundation Championship ukuba anyuke esigabeni esiphezulu uma kuphela isizini ezayo.
Intaka ibekelwe amazolo emjahweni womtelebhelo wamahhashi obizwa ngokuthi iDundee July Horse Racing.
USiyanda Dlamini ongomunye wabaqeqeshi nabasunguli beWexpress Sport Development Academy, ukhala ngokukhula ngesivinini kwale nkulisa ezinze eThekwini.
UPhromotha ofike kwezakala kwezamankomane uDkt Hlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions uthi uzimisele ukulekelela ibhokisa okubukeka sekuphelile ngalo esibhakeleni.
Amaphoyisa eBangladesh adubule isisi esikhalisa unyembezi nezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza abafundi ababhikishela uhlelo lukahulumeni lwesabelo semisebenzi.
Imindeni yomphakathi waseBusa Buji esifundazweni sasePlateau esenyakatho neNigeria iqale ukungcwaba izingane ezishone ebhilidini lesikole.
Ithimba le-United Nations(UN) eLibya (UNSMIL) licele ngoMgqibelo ukuthi kukhululwe ngokushesha intatheli eyayiboshwe eTripoli.
UMondli Qhogi osanda kuqokwa njengomqeqeshi weqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iMilford FC, uzibekele ijoka lokusiza leli qembu liqede endaweni engcono kakhulu uma kuphela isizini ezayo.
UHulumumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal uholwa uNdunankulu uMnu uThami Ntuli bahambele eKenville, eThekwini lapho kade beyobheka ukuthi amalunga akule ndawo ahlezi kanjani njengoba emuveni kokuhlaselwa umlilo.
UMengameli waMaZulu FC uSandile Zungu uqinisekise izindaba zokuthi ligqashukile igoda phakathi kwaleli qembu nalabo akade bengabaxhasi uSpar kanye neGrindrod.
UNhlakanipho "GTI" Kunene usinde ngokulambisa ngesikhathi ecishe ethunjwa ephuma ukuyozilungiselela impi yakhe ebingoMgqibelo.
UNkosingiphile "The Prince" Sibisi waseDundee akabaphoxanga abalandeli akade bephume ngobuningi babo bagcwalisa phama ihholo, njengoba elivikela ngempumelelo ibhande lakhe leSouth Africa Flyweight.
UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskyy uthe ngeke akwazi ukubikezela ukuthi uDonald Trump uzokwenzani uma ekhethwa okwesibili njengomengameli wase-USA ngoLwezi.
I-African National Congress (ANC) ithi ukuvumela umholi weQembu uMkhonto weSizwe (MK) ePhalamende uDkt uJohn Hlophe ukuthi ahlale kuJudicial Service Commission (JSC) kuyicala futhi kuwukuziphatha okubi.
Izigebengu ziyaqhubeka nokuntshontsha ingqalasizinda yakwa-Eskom, zisongela imizamo yenkampani ephehla ugesi yokugcina ugesi ukhanya ezweni.
UNgqongqoshe Wezolimo uJohn Steenhuisen uthe umkhakha wezolimo njengamanje ubhekene nezinselelo ezihlanganisa ukuqubuka kwamatele e-Eastern Cape, imililo yequbula ezingxenyeni ezithile zezwe, kanye nokulahlekelwa okudalwe isithwathwa esimnyama eLimpopo.
USiyethemba Sithebe uthi ingcindezi ayithole ngesikhathi edlala kuKaizer Chiefs imqinise ukhakhayi, ngalokho ukholelwa ukuthi lokho kuzomkhuthaza ekutheni enze kahle eqenjini elisha azodlala kulona ngesizini ezayo.
Umpetha weSouth Africa Flyweight uNkosingiphile "The Prince" Sibisi waseDundee uzovikela ibhande lakhe ngakubo, empini azotholana kuyona noTheo Nxayiphi waseMdantsane e-Eastern Cape.
UThabiso Tenyane ongusihlalo wePhakwe Gas engabaxhasi abasha beRichards Bay FC, unamaphupho amakhulu naleli qembu lasesifundazweni.
Umholi wekhokhasi yasePhalamende ye-ActionSA u-Athol Trollip umemezele ukuthi iqembu selisamukele isiphakamiso se-African National Congress (ANC) sokuthi leli qembu lithathe isikhundla sikaSihlalo weStanding Committee on Public Accounts (SCOPA) ngaphandle kwemibandela.
Isimo sezokuphepha empumalanga ye-DRC siqhubekile nokuba sibi, sifinyelela emazingeni ashaqisayo odlame kanye nokuxoshwa kwezakhamuzi.
UMbutho Wezokuvikela waseNingizimu Afrika (SANDF) uthi ukushona kwesosha ebelisebenza ngaphansi koMbutho Wezizwe Ezihlangene, iMONUSCO, eDRC akuhlangene nokuhlasela kwaphambilini.
Amakhulu abantu baseKenya bebehambele ikhonsathi enhlokodolobha iNairobi izolo, becula iziqubulo bedansa, ukukhumbula abantu abangaphezu kwamashumi amathathu ababulawa emibhikishweni yakamuva emelene nohulumeni.