IBangladesh ivale izikhungo zemfundo ephakeme
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amaphoyisa eBangladesh adubule isisi esikhalisa unyembezi nezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza abafundi ababhikishela uhlelo lukahulumeni lwesabelo semisebenzi ngoLwesithathu, osukwini olulandela izingxabano ezinodlame ezishiye abantu abayisithupha beshonile kwalimala inqwaba.
Iziphathimandla ziphinde zamemezela ukuvalwa kwawo wonke amanyuvesi kaHulumeni nazimele kusukela ngoLwesithathu kulandela imibhikisho mayelana nezabelo zemisebenzi yomphakathi, okubandakanya ukubhuka okungama-30% kwamalungu omndeni wabalweli beMpi Yenkululeko yangowe-1971 evela ePakistan.
Iziphathimandla zithumele amayunithi ombutho wamasosha eBorder Guard kanye namaphoyisa odweshu ngoLwesithathu ngaphandle kwesikhungo senyuvesi yaseDhaka njengoba abafundi bekhala bethi: “Ngeke siliyeke igazi labafowethu lihambele ize”.
Amaphoyisa adubule ngesisi esikhalisa izinyembezi nezinhlamvu zenjoloba kanye namabhomu aqhumisa umsindo kubafundi ngesikhathi bemasha bethwele amabhokisi behambisana nababulewe, kusho uNahid Islam, ongumxhumanisi walemibhikisho.
Lezi zibalo zidale intukuthelo kubafundi ababhekene namazinga aphezulu entsha engasebenzi, njengoba abantu abasha baseBangladesh abacishe babe yizigidi ezingama-32 bengasebenzi noma bengafundi phakathi kwenani labantu abayizigidi eziyi-170.
Imibhikisho yaqina ngemuva kokuthi uNdunankulu uSheikh Hasina, indodakazi kaSheikh Mujibur Rahman, owayehola inkululeko yaseBangladesh ngaphansi kwePakistan, enqabile ukufeza izimfuno zababhikishi. Ubize labo abaphikisana nesabelo ngokuthi bangama“razakar” – igama elalisetshenziselwa labo okusolakala ukuthi basebenzisana nebutho lasePakistan phakathi nempi yangowe-1971.
Le mibhikisho iyinselelo yokuqala enzima kuHulumeni kaHasina selokhu athola ihlandla lesine ngoMasingana okhethweni olwadutshwa iqembu eliphikisayo iBangladesh Nationalist Party (BNP).