Unozinti wodumo ku-AmaZulu FC uSiyabonga Mbatha uthi akakasithathi isinqumo ngekusasa lakhe kunobhutshuzwayo.
Umhlaziyi wezepolitiki uLevy Ndou uthe i-ANC kumele isebenzise umhlangano weNational Executive Committee (NEC) ukudingida udaba lukaHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU).
Ngonyaka wezi-2020 ngesikhathi esayiniswa iMamelodi Sundowns esuka kwiReal Kings engasekho kwakubhekwe ukuthi uyokwenza lukhulu kuleli qembu laseChloorkop.
IMeya yakuMasipala waseNkandla uMnu uMbhekiseni Biyela isola amadoda adla “isiqatha” ngokusushisa umlilo ogcina ungasalawuleki ugcina ulimaza imfuyo yamadoda endaweni.
Ibutho laseSudan iRapid Support Forces(RFS) lenze izenzo zodlame zocansi ezisabalele enhlokodolobha iKhartoum.
Amaphoyisa ase-Uganda abophe abantu abayi-104 ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho emelene nenkohlakalo kuleli sonto.
Ukushuba kwesimo eMiddle East kubukeka kuzoqhubeka nokukhula ngemuva kokuthi u-Israeli efunge wagomela ukuthi uzoziphindiselela kuHezbollah.
Umgadli osandawa kusayiniswa AmaZulu FC uSenzo "Mbhobho" Ndlovu, uthi ufuna ukuqhubeka nalokhu okwenze kwaheha leli qembu lamfaka emabhukwini alo.
Iqembu lakweleNdlovukazi AmaZulu FC, asethule abaxhasi abasha njengoba sekusemome ukuqala kwesizini entsha ka-2024/25.
ULindelani Mazibuko uthi yize ekhubazekile kodwa lokho akumenzanga ekutheni ahoshe imfe ekuthandeni ezemidlalo.
UMelusi Gamede ufunga uyagomela ukuthi okwamanje ayikho injomane ezoma endleleni kaMbayimbayi, okuyinjomane egitshelwa nguye.
Isibalo sabashonile ngenxa yokubihlika komhlaba okubili eningizimu ye-Ethiopia sesinyuke safinyelela kwama-229 kanti singase sinyukele phezulu njengoba kuqhubeka usuku lwesibili ukuthungathwa kwabasindile nabashonile.
Kushone abantu abali-15 kwathi abangaphezu kwe-150 baduka ngemuva kokuba isikebhe ebesithwele abagibeli abangama-300 esisuka eGambia siketuke ngasenhlokodolobha yaseMauritania iNouakchott.
Inxusa leChina eNingizimu Afrika, uWu Peng, ukuchithile ukugxekwa ngokuthi ukuzibandakanya kwezwe lakhe ekwakhiweni kwengqalasizinda kuholela ogibeni lwezikweletu emazweni ase-Afrika.
Kushone abantu abali-19 ngesikhathi indiza encane iphahlazeka isha isuka enhlokodolobha yaseNepal iKathmandu izolo, ngokusho kwezikhulu.
INkantolo eNkulu yasePitoli inqume ukuthi izingxenye zoMthetho Wezempilo azihambisani noMthethosisekelo.
UMnyango Wezezimali e-United States umemezele ukuthi uzojezisa abantu abathathu abahlobene nomsebenzi owandisiwe we-Islamic State of Iraq and Syria (ISIS) ezwenikazi i-Afrika kuhlanganisa nababili eNingizimu Afrika.
UNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Nokubambisana uRonald Lamola kanye noNgqongqoshe Wezangaphandle eNigeria, uYusuf Tuggar, bazwakalise ukukhathazeka ngengxabano eqhubekayo eSudan.
INational Union of Mineworkers (NUM) isizwakalise ukukhathazeka ngokudilizwa enkampanini yezimayini i-Anglo American Platinum (Amplats).
Ukushintsha kwenhliziyo kwe-ActionSA ekusebenzeni ne-ANC akumangazi. Okungenani, lokho kungokusho komhlaziyi wezepolitiki, uDkt uLevy Ndou,
UNdunankulu waseBangladesh uSheikh Hasina usole abaphikisi bakhe bezepolitiki ngodlame olubulalayo oluhlasele izwe ngesikhathi semibhikisho yakamuva eholwa ngabafundi ephikisana nenani lemisebenzi kaHulumeni.
Inqwaba yabafuduki ababekhathele bafike ngesikebhe sokhuni ogwini lolwandle eCanary Islands eSpain ekuseni ngoLwesihlanu.
UMengameli waseTunisia uKais Saied uthe uzongenela ukhetho lwangomhla ziyisi-6 kuMfumfu.
IPhini likaMengameli wase-USA uKamala Harris uthe uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuhlanganisa iqembu iDemocratic Party kanye nesizwe ukuze kunqotshwe uDonald Trump ngoLwezi.