Now Reading
Kubhujiwe kuwa ibhilidi lesikole eNigeria
Dark Light

Kubhujiwe kuwa ibhilidi lesikole eNigeria

Imindeni yomphakathi waseBusa Buji esifundazweni sasePlateau esenyakatho neNigeria iqale ukungcwaba izingane ezishone ebhilidini lesikole ngeSonto.

Kushone abantu abangama-22 ngemuva kokuwa kwebhilidi lesikole iThe Saints Academy ngoLwesihlanu olwedlule. UVictor Dennis ubenezingane ezinhlanu ezibhalise kulesikole, utshele abeReuters ukuthi ulahlekelwe eyodwa yazo ngesikhathi kuwa lelibhilidi. U-Emmanuel Dennis oneminyaka eli-12 ubudala, ongomunye wezisulu, ungcwatshwe emathuneni aseJos Zaria Road.

“Ngiye khona ngiyobona ibhilidi elibhidlikile, elinezitezi ezimbili, ngalibona ibhilidi. Ngakho, abantu babesiza ukuhlenga abafundi. Amantombazane ami amabili, eyodwa yagxuma, bona (ithimba labatakuli) bahlenga enye. Umfana wami ubephansi, kuthathe isikhathi ngaphambi kokuthi (ithimba labatakuli) limkhiphe emfucumfucwini, elimele ekhanda, ngabona isidumbu sakhe emakhazeni,” kuchaza uVictor Dennis.

Abasinde ekubhidlikeni baphuthunyiswe esibhedlela iBingham University Teaching Hospital, eJos, ukuze bathole usizo lwezempilo.

See Also

U-Esther David, owasinda, walandisa ngesikhathi isakhiwo sidilikela phezu kwabo. “Ngesikhathi uthisha wethu ehamba, sasizipholele nje kwafika umfundi ozosibiza ukuthi siye kwelinye ikilasi. Ngaphambi kokuthi siphume ekilasini, lawela phezu kwethu,” utshele abeReuters.

UMbusi wesifunda iPlateau uCaleb Mutwang uvakashele izisulu esibhedlela wacela ukuthi kubuyekezwe kahle izinga lezakhiwo ezikoleni zombuso. Ukuwa kwezakhiwo kuvame ukuvela ezweni elinabantu abaningi e-Afrika ngenxa yemithetho yezokuphepha exegayo kanye nezinto zokwakha ezingekho ezingeni.

Scroll To Top