Isithiyo esikhulu ekuhlinzekeni imiphakathi ngogesi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izigebengu ziyaqhubeka nokuntshontsha ingqalasizinda yakwa-Eskom, zisongela imizamo yenkampani ephehla ugesi yokugcina ugesi ukhanya ezweni. Iziteshi eziyishumi nambili zezwe eziphehlwa ngamalahle ziseMpumalanga. Izigebengu eziningi zimataniswa nokucekelwa phansi nokwebiwa kukadizili kanjalo namalahle kwezinye zeziteshi zikagesi.
UMengameli uCyril Ramaphosa usetshale amalungu ombutho wezokuvikela waseNingizimu Afrika (iSANDF) eziteshini ukuze zivikeleke ezigebengwini. Okhulumela u-Eskom uDaphne Mokwena uthe izenzo zobugebengu zenza kube nzima ukuthi inkampani kagesi ikwazi ukwenza umsebenzi wayo ngendlela efanele.
“Izenzo zobugebengu ezifana nokweba ingqalasizinda, ukucekelwa phansi kwempahla kanye kubukela phansi ukuzinza nokuthembeka kokuphakelwa kukagesi futhi kunomthelela kumabhizinisi amakhulu namancane. Lezi zenzo ezimbi zinomthelela omubi ekusebenzeni kuka-Eskom kanye nekhono lawo lokungenisa imali,” kwengeza uMokwena.