I-ActionSA isamukele isikhundla sokuhola iSCOPA



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi wekhokhasi yasePhalamende ye-ActionSA u-Athol Trollip umemezele ukuthi iqembu selisamukele isiphakamiso se-African National Congress (ANC) sokuthi leli qembu lithathe isikhundla sikaSihlalo weStanding Committee on Public Accounts (SCOPA) ngaphandle kwemibandela.
I-ANC ikhulume ne-ActionSA emasontweni amabili edlule nesiphakamiso sokuba ngusihlalo weSCOPA ezifundazweni ezintathu. Ukukhethwa kosihlalo bamaKomidi ePhalamende kwenzekile izolo. I-ActionSA iqoke uTrollip njengoSihlalo weSCOPA.
UTrollip uthe, “Kumele siqale ukwephula lo mbono wokuthi iPhalamende livikela uHulumeni okungenzeka ukuthi muhle futhi omosha imali, ovumela ngisho nokuntshontshwa kwemali. Saze saqala sabiza ama-swimming pool, sawabiza ngama-fire pool lapho iPhalamende lalivikela into engavikeleki.”
Uqhube wathi uTrollip: “Ngakho lokho kungaba ukuqonda kwami, ukuthi umuntu kumele aziphendulele ngesenti ngalinye. Futhi uma umnyango ohlinzeka ngezinsiza uvela phambi kwakho obhekele ukugcina ingqalasizinda yezitimela, kufanele uphendule ngesimo sengqalasizinda yezitimela kuleli.”