Now Reading
USteenhuisen ugagule izinselelo ezibhekene nezolimo ezweni
Dark Light

USteenhuisen ugagule izinselelo ezibhekene nezolimo ezweni

UNgqongqoshe Wezolimo uJohn Steenhuisen uthe umkhakha wezolimo njengamanje ubhekene nezinselelo ezihlanganisa ukuqubuka kwamatele e-Eastern Cape, ​​imililo yequbula ezingxenyeni ezithile zezwe, kanye nokulahlekelwa okudalwe isithwathwa esimnyama eLimpopo.

USteenhuisen ubekele iKomidi lePhalamende lezokulima ngohlelo lokusebenza lwaminyaka yonke loMnyango. Uthe ukweseka abalimi abasafufusa nabehwebayo ukuthi bakwazi ukubhekana nezinselelo kungenye yezinto ezibalulekile kuyena.

“Ngibe nomhlangano ekuseni nezikhulu zoMnyango sizama ukuxazulula izinkinga ezinkulu ezikhungethe umkhakha wezolimo, ukuqubuka kwamatele e-Eastern Cape, imililo yaseFree State, kanye nesithwathwa esimnyama eLimpopo, lezi ezinye zezinkinga ezibhekene nalo mkhakha futhi ngakubeka kwacaca ukuthi izinto eziza kuqala kimi kumele sigxile ekuvikelekeni kwemvelo ukuze kwandiswe umkhiqizo, kufanele sithole izimakethe ezintsha zemikhiqizo yaseNingizimu Afrika, kumele seseke abalimi bethu, kungakhathaliseki ukuthi ungumlimi omncane, noma ngabe ungumlimi omkhulu wezohwebo.”

Scroll To Top