Ithimba le-UN eLibya ifuna kukhululwe intatheli eboshiwe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ithimba le-United Nations(UN) eLibya (UNSMIL) licele ngoMgqibelo ukuthi kukhululwe ngokushesha intatheli eyayiboshwe eTripoli ezinsukwini ezimbili ezedlule, yengeza ngokuthi bonke abasebenzi bemithombo yezindaba kumele bagcinwe bephephile.
I-UNSMIL ithe ikhathazekile “ngokuboshwa ngokungafanele kwentatheli u-Ahmed Sanussi ngomhla zili-11 kuNtulikazi”. USanussi ungumphathi jikelele wesiteshi se-inthanethi iTabadul kanye nomethuli we-“Flousna” (“Imali Yethu”), uhlelo lwethelevishini esiteshini se-Wasat esizinze eTunisia, ngokusho kwekhasi lakhe lika-Facebook eliqinisekisiwe.
Isiteshi nohlelo lukaSanussi lugxile kakhulu ezindabeni zezomnotho nezenhlalo.
“Ukucindezelwa kwezintatheli kuqinisa isimo sokwesaba futhi kubukela phansi imvelo edingekayo ukuze kube noguquko lwentando yeningi eLibya,” kusho lelithimba.
ILibya ecebe ngowoyela yangena esiphithiphithini kulandela ukuketulwa komholi walelizwe uMuammar Gaddafi owabusa isikhathi eside embhikishweni owawusekelwe yi-NATO ngowezi-2011.
Esithangamini somkhandlu wezokuphepha we-UN maphakathi noNhlangulana, iphini elimele i-UN uStephanie Koury wathi ukhathazekile “ngemibiko yokwephulwa komthetho ezweni lonke, ikakhulukazi indlela ephindaphindwayo yokuthunjwa noma ukuboshwa kwabantu baseLibya.”