INingizimu Afrika neNigeria bakhathazekile ngeSudan



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Nokubambisana uRonald Lamola kanye noNgqongqoshe Wezangaphandle eNigeria, uYusuf Tuggar, bazwakalise ukukhathazeka ngengxabano eqhubekayo eSudan.
Labo Ngqongqoshe ababili babambe umhlangano ngasemaphethelweni engqungqutheleni ye-African Union (AU) yaphakathi nonyaka e-Accra, eGhana. Le ngqungquthela, eqale kuthangi ihlanganisa amazwe angamalungu e-AU ngaphansi kwendikimba ethi: “Fundisa Futhi Uqeqeshe I-Afrika Ngekhulu Leminyaka Lama-21”.
UNgqongqoshe uLamola uthe, “Siphinde sazwakalisa ukukhathazeka kwethu okukhulu ngesimo saseSudan, ukulahleke kwemiphefumulo engenacala. Sicele umphakathi wamazwe omhlaba ukuthi usebenze ngokubambisana nabantu baseSudan kanye namaqembu alwayo. ”