Now Reading
Izinxushunxushu eMiddle East ziya ngokushuba phakathi nokuhlasela kweHezbollah
Dark Light

Izinxushunxushu eMiddle East ziya ngokushuba phakathi nokuhlasela kweHezbollah

+1
View Gallery

Ukushuba kwesimo eMiddle East kubukeka kuzoqhubeka nokukhula ngemuva kokuthi u-Israeli efunge wagomela ukuthi uzoziphindiselela kuHezbollah okuyiqembu elihlomile alisola ngokudubula irokhethi elahlala eGolan Heights, kwashona izingane ezili-12 kwalimala abanye abantu abangama-20.

Lesi senzo sesenze u-Israel ukuthi azilungiselele ukungqubuzana neHezbollah isikhathi eside. IHezbollah ikuphikile ukuthi inesandla kulokhu kuhlasela. I-Israel Defence Force ilungiselela ukuphindisela.

Abaholi abaningi bomhlaba baxwayise uIsraeli ngokuziphindiselela njengoba uvalo lukhula – bethi lokhu kuzoholela ezingxabanweni zesifunda. Amanye amazwe axwayise izakhamizi zawo ukuthi zishiye iSyria neLebanon njengoba womabili amazwe engase athinteke.

Scroll To Top