Ukushintsha kwenhliziyo kwe-ActionSA akumangazi – uNdou
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ukushintsha kwenhliziyo kwe-ActionSA ekusebenzeni ne-ANC akumangazi. Okungenani, lokho kungokusho komhlaziyi wezepolitiki, uDkt uLevy Ndou, kulandela inkulumo yakamuva yomholi weqembu, uMnu uHerman Mashaba, ethi ubekhuluma ne-ANC mayelana nokusebenza nayo eGauteng – okube ukuguquka ezinkulumeni ayezenza emphakathi phambilini. UMashaba wayethe akasoze asebenzisana ne-ANC ngoba ngokusho kwakhe le nhlangano inenkohlakalo.
“Basaphatheke kabuhlungu yiDA, i-IFP namanye amaqembu ezepolitiki ngokujoyina uhulumeni wobambiswano nokuthi i-ActionSA iqhubeke ibambe iqhaza elibonakalayo embuthweni wezepolitiki waseNingizimu Afrika okungcono kakhulu kubona, ngokubona kwami, yingakho bekhethe ukuba nezingxoxo ne-ANC,” kusho uNdou, eveza ukuthi i-ActionSA izizwa iqhubulushiwe ngokwepolitiki.
“Amanye amaqembu abengaphansi kwesivumelwano sokubambisana manje abambe iqhaza elikhulu kuHulumeni Wobumbano Lwesizwe futhi i-ActionSA iyodwa futhi inesizungu futhi ayinawo umthelela omkhulu kwezepolitiki yaseNingizimu Afrika.”
Ekhuluma nabezindaba zeSABC ngesikhathi sokuvulwa kwePhalamende ngoLwesine, uMashaba uveze ukuthi kunezingxoxo eziqhubekayo phakathi kwe-ActionSA ne-ANC esifundazweni saseGauteng. Leli qembu linezihlalo eziyisithupha eGauteng.
“Yebo, impela, ngikhuluma ne-ANC ngempela ukuze sibone ukuthi singazinzisa kanjani kangcono omasipala baseGauteng, ngoba kubucayi kakhulu,” kubeka uMashaba
Uphinde waveza ukuthi usanegqubu neDA eGauteng. “IDA isijikele i-ActionSA izikhathi eziningi. Ungacabanga nje, ngashiya ibhizinisi lami, ngashiya umndeni wami, ngisebenza nabo (DA) ukuqinisekisa ukuthi siletha ikusasa elingcono lezwe lethu, kodwa banqaba bathi kufanele ngiyogunda utshani eSandton.”
I-ActionSA iphakathi kwamaqembu ezombusazwe angazange akhombise intshisekelo kuHulumeni Wobumbano Lwesizwe kanye neProgressive Caucus ezibophezele ekutheni iGNU iphendule. Le nhlangano izobamba isithangami nabezindaba ngoMsombuluko, ukuze ichaze ngesinyathelo sayo esilandelayo ngemuva komhlangano wayo wezinsuku ezimbili phakathi kokunye obheke isinyathelo esilandelayo esimayelana ne-ANC.