Ibeke unswinyo i-USA kwabathathu be-ISIS e-Afrika
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMnyango Wezezimali e-United States umemezele ukuthi uzojezisa abantu abathathu abahlobene nomsebenzi owandisiwe we-Islamic State of Iraq and Syria (ISIS) ezwenikazi i-Afrika kuhlanganisa nababili eNingizimu Afrika.
UMnyango Wezezimali ufake ohlwini u-Abubakar Swalleh, omchaza njengelungu le-ISIS elizinze eNingizimu Afrika naseZambia okusolwa ukuthi uyathinteka ekudlulisweni kwezimali zisuka eNingizimu Afrika ziyiswa eDemocratic Republic of the Congo (DRC).
UZayd Gangat naye ubalwe njengozinze eNingizimu Afrika. UMnyango wase-USA uthe uSwalleh kanye noGangat baphinde basebenze njengezixhumanisi ezibalulekile phakathi kwemisebenzi ye-ISIS ekude, okubandakanya abangaphansi kweDemocratic Republic of the Congo, Mozambique, Somalia, kanye nabanye e-ISIS eNingizimu Afrika, okuvumela ubuholi be-ISIS ukuthi busebenzise amandla enhlangano ngayinye ukuqhuba ukuhlasela kwamaphekula okuphazamisa ukuthula nokuvikeleka esifundeni.
Umuntu wesithathu osohlwini nguHamidah Nabagala ungumxhumanisi ozinze eDRC. I-USA ithe uSwalleh wayalelwa ukuba athuthele eNingizimu Afrika ngumkhuzi we-ISIS owayezinze e-DRC owake wabandakanyeka ezigamekweni zokugebenga nokuthumba ukuze kukhishwe imali yesihlengo kuyilapho uGangat engumgqugquzeli nomqeqeshi we-ISIS.