UMengameli waseTunisia umemezele ukuyiguda eyokwengamela



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli waseTunisia uKais Saied uthe uzongenela ukhetho lwangomhla ziyisi-6 kuMfumfu. Ukungenela kwakhe ukhetho kuhlose “ukuqhubeka nomzabalazo wenkululeko kazwelonke,” kusho uSaied kuvidiyo ekhasini leFacebook leHhovisi LikaMengameli.
Amaqembu aphikisayo, iningi labaholi bawo ababoshiwe, basole uHulumeni kaSaied ngokufaka ingcindezi kubehluleli ukuthi abathathele izinyathelo izimbangi zakhe okhethweni lwangowezi-2024 nokumvulela indlela yokuba anqobe ihlandla lesibili.
Ukufuna elinye ihlandla kumenyezelwe ngosuku inkantolo igwebe ngalo umholi weqembu eliphikisayo uLotfi Mraihi, obengase angenele ukhetho lukaMengameli, izinyanga eziyisishiyagalombili ejele ngecala lokuthenga amavoti.
INkantolo iphinde yamisa uMraihi, umholi weRepublican Union Party futhi omunye wabagxeki abaqavile bakaMengameli uKais Saied, ukuthi angenele ukhetho lukamongameli impilo yakhe yonke. Amaqembu aphikisayo athi ukhetho olunobulungiswa noluthembekile ngeke lubanjwe ngaphandle kokuthi osopolitiki ababoshiwe badedelwe futhi nabezindaba bavunyelwe ukwenza umsebenzi wabo ngaphandle kwengcindezi evela kuHulumeni.
USaied, owakhethwa ngowezi-2019, wahlakaza iphalamende ngowezi-2021 futhi waqala ukubusa yedwa futhi ngesandla esiqinile isinyathelo abaphikisi abasichaze njengokuvukela umbuso. UMengameli uthe izinyathelo zakhe zisemthethweni futhi ziyadingeka ukuze kuqedwe inkohlakalo edla lubi phakathi kwezikhulu zombusazwe.