Lenyukile inani labashonile kubihlika inhlabathi e-Ethiopia



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.

Isibalo sabashonile ngenxa yokubihlika komhlaba okubili eningizimu ye-Ethiopia sesinyuke safinyelela kwama-229 kanti singase sinyukele phezulu njengoba kuqhubeka usuku lwesibili ukuthungathwa kwabasindile nabashonile, kusho isikhulu sikaHulumeni izolo.
Kulandela imvula enamandla ukubihlika kwenhlabathi kugqibe abantu eGofa esifundazweni sase-Ethiopia ngeSonto ebusuku, bese kuthi okwesibili kugubuzele abanye abebehlangene bezosiza ngoMsombuluko ekuseni.
“Angazi ukuthi kuzoma nini. Sisazikhipha izidumbu,” kusho uMarkos Melese, inhloko yeNational Disaster Response Agency eGofa Zone, etshela abeReuters ngocingo. “Sisaqhubeka sisamba.”
NgoMsombuluko, isikhulu sithe bangama-50 abantu abashonile kanti izingane namaphoyisa baphakathi kwabashonile. Izithombe ezabiwe ngabaphathi bendawo ikhombisa abantu bemba izidumbu ngamafosholo nangezandla.
“Isibalo sabashonile sanda ngemuva kokuba abantu abeze ukuzohlenga nabo begqitshwe inhlabathi,” kusho umphathi wesifunda iGofa uMsikir Mitiku. “Kuyisigameko esidabukisa kakhulu.”
UNdunankulu u-Abiy Ahmed uthe udabuke kakhulu ngokushona kwabantu kabuhlungu, nokuthi izikhulu zikaHulumeni zijutshwe ukunciphisa umthelela wale nhlekelele.
“Simi nabantu kanye noHulumeni wase-Ethiopia njengoba imizamo yokuhlenga iqhubeka yokuthola abalahlekile nokusiza abalahlekelwe amakhaya,” kubhala usihlalo we-African Union uMoussa Faki Mahamat enkundleni yezokuxhumana uX.
Inhloko yeWorld Health Organisation, uTedros Adhanom Ghebreyesus, wase-Ethiopia, uthe ucabanga ngayo yonke imindeni ethintekile nokuthi sekuthunyelwe ithimba le-WHO ukuzokweseka izidingo zezempilo ngokushesha.
“Njengoba isifunda siqhubeka nokubhekana nomthelela omubi wokuguquka kwesimo sezulu, sinxusa wonke umuntu ukuthi ahlale eqaphile futhi alandele izimiso zokuphepha ukuze avikele izimpilo futhi agweme ezinye izinhlekelele,” kusho uWorkneh Gebeyehu, unobhala omkhulu we-Intergovernmental Authority on Development.