Kuboshwe abantu abangaphezu kwekhulu emibhikishweni yase-Uganda



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amaphoyisa ase-Uganda abophe abantu abayi-104 ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho emelene nenkohlakalo kuleli sonto kanti cishe bonke babekwe amacala okuhlukumeza umphakathi, kusho isitatimende samaphoyisa.
Ukuphendula kukaHulumeni emibhikishweni yasemgwaqweni kugxekwe abakhankaseli bamalungelo kanye ne-USA, ethi: “ikhathazekile” ngokuboshwa kwenqwaba yababhikishi “ababebhikisha ngokuthula”.
Esitatimendeni esifakwe ku-akhawunti yalo yakwa-X ngoLwesihlanu, ihhovisi lenxusa lase-USA e-Uganda linxuse uhulumeni kaMengameli uYoweri Museveni ukuthi aphenye ngezinsolo zokuthi abanye bababhikishi ababoshiwe bahlaselwe.
Intsha yase-Uganda ingene emigwaqweni ngoLwesibili nangoLwesine ikhalaza ngezinsolo zenkohlakalo kwabaholi abaqokelwe ezikhundleni kuleliya lizwe eliseMpumalanga Afrika, bathole ugqozi emasontweni ambalwa emibhikisho eholwa yintsha ezweni elingumakhelwane iKenya eholele ekutheni umengameli achithe isiphakamiso sokunyuswa kwentela.
Ephendula, uhulumeni kamengameli uMuseveni utshale amaphoyisa namasosha enhlokodolobha, iKampala, evalela inqwaba yababhikishi bephethe amabhodi kanye neziqubulo.
Esitatimendeni sawo, amaphoyisa athe bayi-100 ababoshiwe babekwe amacala. Bekungokokuqala amaphoyisa esho ukuthi bangaki ababhikishi asebeboshiwe. Inhlangano yamalungelo i-Amnesty International iwagxekile “amaqhinga” kaHulumeni ngokumelene nababhikishi ekuqaleni kwaleli sonto.
“Iziphathimandla zase-Uganda kumele zibakhulule ngokushesha futhi ngaphandle kwemibandela bonke labo ababoshelwe ukusebenzisa ilungelo labo lokuhlangana ngokuthula,” kusho isitatimende ngoLwesine.