Now Reading
Kuketuke isikebhe kwashona abali-15 kwaduka abangaphezu kwe-150
Dark Light

Kuketuke isikebhe kwashona abali-15 kwaduka abangaphezu kwe-150

Kushone abantu abali-15 kwathi abangaphezu kwe-150 baduka ngemuva kokuba isikebhe ebesithwele abagibeli abangama-300 esisuka eGambia siketuke ngasenhlokodolobha yaseMauritania iNouakchott ngoMsombuluko, kusho i-International Organisation for Migration (IOM).

Umzila wokufuduka wase-Atlantic osuka ogwini oluseNtshonalanga Afrika uya eziQhingini zaseCanary, ovame ukusetshenziswa abafuduki base-Afrika abazama ukufinyelela eSpain, ungomunye wemibi kakhulu emhlabeni. Ihlobo isikhathi salomzila esimatasatasa kakhulu.

Esitatimendeni sangoLwesithathu, i-IOM ithe onogada basogwini lwaseMauritania bahlenge abantu abayi-120 kwathi abayi-10 kubo baphuthunyiswe ezibhedlela ngesikhathi kuqhubeka imizamo yokuthola abadukile.

Scroll To Top