Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-SACP iphikisane ne-African National Congress (ANC) ehola i-GNU.
USihlalo weKhomishana yabaSebenzi bakaHulumeni, uSolwazi uSomadoda Fikeni, uthe uhulumeni ubhekene nenkinga yokushoda kokuthenjwa ngabantu.
Izimpi ziyashuba phakathi kwamasosha kahulumeni namavukelambuso e-M23 empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC), naphezu kwesivumelwano sakamuva esihlose ukubuyisa ukuthula esifundeni esikhungethwe yizimpi.
I-African National Congress (ANC) ithi izobiza umhlangano weNational Executive Committee (NEC) ekuqaleni kukaMasingana ukubheka ikusasa lamaProvincial Executive Committees (PEC) eqembu KwaZulu-Natal naseGauteng.
UMinenhle Mshengu ongunozinti weqembu eligijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League iMidlands Wanderers FC, uveza ukuthi kwamkhuthaza kakhulu ukubona uzakwabo esayiniswa i-Orlando Pirates.
Amaphoyisa aseNorth West athi bayi-1 420 abavukuzi abangekho emthethweni abaphume ngaphansi komhlaba.
IDemocratic Alliance (DA) ithi nakuba uMengameli enegunya lokuqasha nokuxosha iKhabhinethi yakhe, kufanele akhumbule ukuthi i-African National Congress (ANC) iqembu lakhe alinqobanga ukhetho ngeningi (majority).
Kubulawe abantu abayi-110 ngempelasonto emijondolo yaseHaiti.
UNetumbo Nandi-Ndaitwah, uthi ukubhekana nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi ezweni kuseqhulwini ezinhlelweni zakhe.
UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthembise ukusebenzisana nomasipala abathwele kanzima kuleli.
Izikhulu zakwa-Eskom zithi ziyathemba futhi ziyakholwa ukuthi kulamaholidi kaKhisimusi nobusika obuzayo ngeke ucime ugesi.
Umholi we-ActionSA ePhalamende, u-Athol Trollip, uthi njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa udaba lwePhala Phala lusayijoka kuye kusho ukuthi akazimisele ngokuthathela izinyathelo ezinqala izikhulu ezithinteka enkohlakalweni.
Inhlangano ezimele, iDefend our Democracy ithi isinqumo sokuyisa uNgqongqoshe uThembi Simelane eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu, esikhundleni sokumxosha, siwukungalungi ezweni.
Ube impumelelo umcimbi obuhlelwe iMeya yoMkhandlu kaMasipala INkosi Langalibalele wokubungaza abasebenzi abangaphansi kohlelo olwaziwa nge-EPWP.
Ngesikhathi intsha eningi yaseNingizimu Afrika isiwabheke ngabomvu amaholidi kaZibandlela, kodwa eyakumkhandlu uMasipala wasoPhongolo imatasa ibhalisela ukuyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme ngonyaka ozayo.
UMafa "Wele" Zuma ozobe ecija isikwati seTheku kunobhutshuzwayo kumaSalga KZN DSAC Games, uvuma ingcindezi abhekene nayo yokuqeda ishobolo leminyaka.
IMeya yesiFunda uMzinyathi uPetros Ngubane uveze ukuthi unethemba lokuthi lesisiFunda sizokwenza kahle emidlalweni yaminyaka yonke yamaSALGA KZN DSAC Games.
IKwaMashu Durban Knight FC engelinye lamaqembu agijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League, kuvela ukuthi isihlukene noSimphiwe Nzama obengumqeqeshi.
Izinhlangano eziningi ezisekela idemokhrasi e-Eswatini kuleli sonto zizongena emigwaqweni yasePitoli.
UMengameli waseKenya uWilliam Ruto izolo uthe yena noMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni bazosiza ekuxazululeni ingxabano ephakathi kwe-Ethiopia neSomalia odabeni olusabisa ngokudicilela phansi isifunda sase-Afrika.
UDonald Trump ulungiselela ukuqala kabusha izingxoxo noKim Jong Un.
Amasosha aseLebanon athi uIsraeli wephule isivumelwano sokumiswa kwezikhali izikhathi eziningi ngoLwesithathu nangoLwesine.
IBafana Bafana isibalwa namaqembu ali-10 akeliswe phezulu lapha ezwenikazi i-Africa, kanti ikweyama-57 emhlabeni.
Sebeyizigidi ezili-11 abantu abangasebenzi njengamanje ezweni.