Ukuhlangana kwesigungu esiphezulu sikaKhongolose kuzowunika ithuba lokuxoxa nge-GNU: Umhlaziyi

by Anathi Mtaka
August 1, 2024


Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umhlaziyi wezepolitiki uLevy Ndou uthe i-ANC kumele isebenzise umhlangano weNational Executive Committee (NEC) ukudingida udaba lukaHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU).
I-NEC ye-ANC yezinsuku ezintathu izoba seBirchwood Hotel eBoksburg kusukela namuhla, ilandelwe yiLekgotla yezinsuku ezintathu ezoqala ngeSonto.
UDkt Ndou uthi i-NEC kufanele iveze umyalezo ocacile okufanele udluliselwe kubantu ukuthi baqhuba kanjani ku-GNU. “Kodwa ngesikhathi esifanayo i-ANC kufanele isebenzise leli thuba ukubheka okuhle nokubi, amathuba kanye nobuthakathaka be-GNU futhi lokho kuhlola ngokubona kwami kufanele kukwazi ukubumba indlela eya phambili yeqembu.” Kuphetha uNdou