UHarris uncome amagalelo kaBiden, wafunga ukuhlula uTrump
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IPhini likaMengameli wase-USA uKamala Harris uthe uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuhlanganisa iqembu iDemocratic Party kanye nesizwe ukuze kunqotshwe uDonald Trump ngoLwezi.
Esitatimendeni esikhishwe ngemuva kokuthi uMengameli uJoe Biden ememezele ukuthi ngeke asalungenela ukhetho lapho futhi ephakamisa ukuthi isekela lakhe lingene esikhundleni sakhe njengophakanyiselwe iqembu, uHarris uthe uhloniphekile futhi kuyinhloso yakhe ukuzuza nokuwina ukuqokwa kweDemocratic Party.
UHarris uthe ifa likaBiden elimangalisayo alinakuqhathaniswa emlandweni wanamuhla wase-USA, lidlula ifa lomengameli abaningi asebesebenze amahlandla amabili ezikhundleni.
Uthe kubeyisibusiso esikhulu ukusebenza njengePhini likaMengameli uBiden, ebiza isinqumo sakhe sokuhoxa isenzo sokuzidela nesokushisekela izwe ngokwenza akwenzile empilweni yakhe yonke yenkonzo, ebeka abantu base-USA kanye nezwe ngaphezu kwakho konke okunye.
UHarris uthe manje banezinsuku eziyi-107 ngaphambi koSuku Lokhetho, efunga ukuthi uzonqoba oqokwe kuRepublican uDonald Trump kulo Lwezi. USihlalo weDemocratic Party uthe bawuthathele phezulu umthwalo wabo wokuletha umuntu ozokhethwa yiqembu lakhe ukuba alimele okhethweni kubantu base-USA ngokushesha.

