Inkantolo yaseThailand inqume ukuthi lowo owayegaqele esobundunankulu u-Pita Limjaroenrat akazange aphule umthetho wokhetho futhi angase ahlale engumshayimthetho wasinda ecaleni lokuqala kwamabili elibhekiswe eqenjini eliphikisayo i-Move Forward Party.
UPapa uFrancis usekhiphe isicelo esisha ngokumelene nazo zonke izimpi njengoba evuse ukwesaba kokubulawa kwabantu abaningi bamaJuda nezinye izisulu zamaNazi ngaphambi koSuku olwaziwa ngeHolocaust Memorial oluzogujwa kusasa ngoMgqibelo.
Isivumelwano se-Ethiopia sokuqashisa ichweba esifundeni esahlubuka saseSomalia, iSomaliland, sicasule uhulumeni eMogadishu futhi sesenze nokukhathazeka ngokuthi sizophinde sidale uqhekeko kwisifunda esaziwa nge-Horn of Africa.
“Sibhekane nosuku olunzima selokhu kwaqala impi,” lawa ngamagama kaNdunankulu wakwa-Israeli, uNetanyahu. Lomholi ubebabaza okwenzeke ngoMsombuluko…...
UNgqongqoshe Wezangaphandle waseRussia utshele uMkhandlu Wezokuphepha weUnited Nations (UN) ukuthi into ebalulekile evimbela imizamo yokuxazulula impi ese-Ukraine ukuqhubeka nokwesekwa kwamasosha amazwe aseNtshonalanga kuHulumeni waseKyiv.
Isimangalo esifakwe yiMexico neChile sibabizela kwi-International Criminal Court
Umkhandlu womthethosisekelo waseSenegal ngoMgqibelo ukhiphe uhlu lokugcina lwabangama-20 abazongenela ukhetho lobuMengameli ngoNhlolanja kulonyaka.
IFrance iziphikile ngoLwesine izimangalo ezenziwe yiRussia zokuthi kukhona izinkabi (mercenaries) zaseFrance e-Ukraine.
Nakulokhu ukuqala konyaka kuphinde kwaveza usizi lwaminyaka yonke lwabantu baseZimbabwe abeqa umngcele iBeitbridge ngokungemthetho bangene kuleli ngenhloso yokuthola impilo encono.
Inhlangano yezohwebo i-East African Community (EAC) inxuse iziphathimandla zaseBurundi naseRwanda ukuthi zisebenzise izindlela ezinokuthula zokuxazulula ukungaboni ngasolinye ukuze kuzuze isifunda.
UNgqongqoshe Wezobulungiswa ePoland uphambane nomthetho ngokuxosha uMshushisi Wombuso uDariusz Barski.
Cishe amasosha ayizi-2 000 eNhlangano Yezizwe azophuma ezindaweni ezisempumalanga yeDemocratic Republic of Congo ekupheleni kukaMbasa esigabeni sokuqala sokuhoxa kophiko lokugcinwa kokuthula kuleliya lizwe.
Kusuka e-Ukraine, eGaza nase Suez Canal kuthiwa I-Tehran iyiqhatha ngesinqe Izukhulu zempi kanye nezinhloli emazweni…...
Izikhulu zaseSomalia zithi indiza enophephela emhlane ibithwele abagibeli abayisishiyagalolunye, oyedwa wabo washona.
UMengameli u-Evariste Ndayishimiye uphinde wagxeka ohulumeni baseNtshonalanga athi banemibandela yokuhlinzeka ngosizo ekwamukeleni amalungelo abathandana nobulili obufanayo.
Imikhumbi ethwala impahla iphoqeleke ukuba ithathe omunye umzila Kulezi zinyanga ezintathu into ebikade ikhulunywa ezinhlokodolobha…...
Amazwe ama-Arabhu abeshaya uzamthilili engaphumeli obala ngodaba lwaseGaza.
Ukuhlasela ngemicibisholo kweRussia kubulale abantu abali-11 kwalimala abayi-10 ngempelasonto edlule edolobheni elisempumalanga e-Ukraine iPokrovsk, kusho umbusi wendawo elawulwa yi-Ukraine esifundeni saseDonetsk.
Inkantolo inqumo ukuba izethulo zenziwe kusuka ngomhla zili- 11 -12 kuMasingana
Unyaka zophela kucije imikhonto nxa zonke njengoba wonke amazwe efuna indawo yawo etafuleni, wonke efuna ivenge eliwafaneleyo.
Kubukeke umlando uziphinda lapho iMpi Ebovu (iRussia) iphendula amatafula.
UBidin uya okhethweni olumqoka izimpi lezi zingahle zimdonsele emuva.
Kushone abantu abangama-20 kwathi iziboshwa ezibalelwa kwizi-2 000 zeqa ngesikhathi kuhlaselwa isikhungo samasosha, ijele nezinye izindawo eSierra Leone.
IFrance izibophezele ekuxoxisaneni neChina, lokhu kushiwo uNgqongqoshe Wezangaphandle waseFrance uCatherine Colonna ngoLwesihlanu, eqinisekisa ubudlelwano ngemuva kophenyo olumelene noxhaso lwe-European Union