Now Reading
Nangale kukaMugabe kusasinda kwehlela kwelikaMzilikazi
Dark Light

Nangale kukaMugabe kusasinda kwehlela kwelikaMzilikazi

Nakulokhu ukuqala konyaka kuphinde kwaveza usizi lwaminyaka yonke lwabantu baseZimbabwe abeqa umngcele iBeitbridge ngokungemthetho bangene kuleli ngenhloso yokuthola impilo encono.

Yize bekuqashwe ngelokhozi ukungena kwabantu ngokungemthetho kulandela isibophezelo esenziwa uMengameli uCyril Ramaphosa nozakwabo wakuleliya lizwe uMnu u-Emmerson Mnangagwa sokwethulwa kohlelo iBorder Management Authority, kepha kubikwe inqwaba yabakwazile ukungena ngokungemthetho. Umholi wePatriotic Alliance uMnu uGayton McKenzie nobuholi obuphezulu beqembu bakanise emngceleni ngesonto lokuqala konyaka bephunga abebengena kuleli ngezintuba.

AbaseZimbabe abahlonizi ngokuthi isimo asisihle ezweni labo yingakho bencama ukubeka izimpilo zabo engcupheni beqa imingcele beyongena emazweni angomakhelwane. Akuyona iNingizimu Afrika kuphela ebhekene nenkinga yabaseZimbabwe, kukhalwa esifanayo eZambia nasemazweni asenhla. Okushiwo abaseZimbabwe ukuthi sebephelelwe ithemba kuMengameli uMnangagwa yize ekwazile ukuthola elinye ihlandla okhethweni lwakamuva. Bathi ngesikhathi engena esikhundleni emuva kokuqunjwa kombuso kaMengameli uRobert Mugabe babezitshela ukuthi uMnangagwa uzofika nokwehlukile. 

Kwabanye kwakukhona ukukhuluma okuthi ubevele ekuhulumeni kaMugabe ngakho kungenzeka aqhubeke lapho kugcinwe khona. Amaqembu aphikisayo, izinhlangano zomphakathi nabakhimkhanya bathi izinto zisahamba ngendlela okwakuvele kuyiyo eqenjini elibusayo iZimbabwe African National Union-Patriotic Front. Indlala, ububha, ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu, ukunqindwa kwamandla kwabezindaba ngezinye zezinto ezingakashintshi kwelikaMzilikazi ngokusho kwabantu bakhona iningi labo eselaqoma ukuzinza eNingizimu Afrika.

Umholi weqembu eliphikisayo uMnu uNelson Chamisa uthi uhulumeni wenza kube nzima emaqenjini aphikisayo ukusebenza eZimbabwe. Ngesikhathi somkhankaso wokhetho  inhlabaluhide yezimoto zikaChamisa yahlaselwa amaphoyisa kwathi yena wathelwa ngesisi esikhalisa unyembezi esifundazweni sasemakhaya iMasvingo. Kusekhona izindawo  amaqembu aphikisayo engavunyelwe ukubamba imihlangano  ngakolunye uhlangothi iZANU-PF yilona kuphela iqembu elikwazi ukubamba imihlangano.

USigele uDouglas Mwonzora uthi kukhona olunye uhlangothi lweMDC olubonakala luzimisele ukuhambisana noMngangagwa nokubamba izingxoxo nohulumeni. UMwonzora ukholwa ukuthi sisekhona isikhathi sokwenza izinguquko ezinqala kwezomnotho  nakwidemokhrasi okuhlanganisa nezinguquko kwezokhetho ngaphambi kokuba kufike u-2023. Izinhlelo zikaMangagwa zokuxoxisana namaqembu ezepolitiki, ngaphandle kwelikaChamisa kufika ngesikhathi uMnangagwa ebhekene nesikhathi esinzima ngaphakathi eqenjini. 

See Also

Izingqapheli zithi kubukeka kuwumqansa nokuthi lelizwe lithole usizo ngenxa yomlando leli lizwe elinawo ngezikweletu nangokwehluleka ukukhokha ngesikhathi. IZimbabwe ayikwazi lukuthola usizo ezikhungweni zomhlaba ezitshelekisa ngemali njengamanye amazwe. I-International Monetary Fund (IMF) ishaya phansi ngonyawo ithi uhulumeni walapha kumele uqale ukhokhe imali oyikweletayo eyinzalo ukuze ukhombise ukuthi uzimisele ngokuqhubeka ngokusebenzisana nayo. Ngisho nezimboni zemikhiqizo yangaphakathi eZimbabwe zizama konke ukuvala igebe kunhlanga zimuka nomoya. Kuqale phansi kusinda kwehlela futhi kuleli lizwe. Ngonyaka wezi-2021 ukudayisa kukagwayi kudlule kuma-210.9m kilograms, kwathi umkhiqizo kakotini wakhula ngama-100% . 

Abalimi abasafufusa nasebezinzile bakwazile ukukhiqiza ukudla okwanele ukubhekana nesizwe. umbila okuyiwona osetshenziswa kakhulu uyantuleka. IWorld Food Programme ikhiphe isexwayiso ngasekupheleni konyaka odlule ukuthi kunabantu balapha abalinganiselwa ezigidini ezi-5 abazobhekana nenkinga yokushodelwa ukudla kuze kube ngunyaka wezi-2025. Likhona kancane ithemba kokunye njengoba iRwanda ithembise ukuthi izothenga ushukela eZimbabwe kunokuba iwuthenge e-Argentina lapho sekuphele iminyaka bewuthenga khona. Ukushushumbiswa kwegolide nezinye izimbiwa ezingamagugu kulokhu kuqhubeke njalo nokucindezela izimayini. Ukukhiqizwa kwegolide kwehlile kusuka kuma-30% unyaka nonyaka kwafinyelela kwamathani ama-3.98 ngekota yokuqala yowe-2023.

Scroll To Top