Now Reading
Izinsizwa zika-Israeli zisale enkundleni eGaza
Dark Light

Izinsizwa zika-Israeli zisale enkundleni eGaza

“Sibhekane nosuku olunzima selokhu kwaqala impi,” lawa ngamagama kaNdunankulu wakwa-Israeli, uNetanyahu.

Lomholi ubebabaza okwenzeke ngoMsombuluko mhla zingama-22 kuMasingana. kulandela isigameko lapho amalungu angama-21 ombutho wezempi waleliyazwe esale enkundleni. Esewonke asale enkundleni angama-24, kepha lawa angama-21 ahambe ngesikhathi esifanayo esakazwa ngebhomu phakathi eGaza.

Ubikela isizwe ngalesi sigameko, uRear Adm. Daniel Hagari, okhulumela umbutho wezempi. Uthe ababhubhile bebe kake izakhiwo ezimbili ngenhloso yokususa imigoga yeziqhumane ebezibekwe zihonga zamaPalestina. Okuthe uma izihonga zithumela isiqhumane esidale ukuqhuma okubulale amasosha lawa.  

Emuva kwalesi sigameko, umbutho wakwa-Israeli nohulumeni baqinisekise umphakathi ukuthi impi iyaqhubeka nokuthi u-Israeli usangenhla. Ungqongqoshe Wezokuvikela uMnu uYoav Gallant  ubhale ku-X nayilapho elilele umbutho nesizwe. Khona lapho ube esebaqinisa idolo ngelithi “Lempi (eseGaza) yiyo eyochaza ngekusasa likaIsraeli kumakhulu ngamakhulu eminyaka ezayo. Egameni lamasosha aguqileyo kumele siyinqobe lempi”. 

See Also

Ngakolunye uhlangothi ziyaqhuebka izingxoxo zokuletha ukuthula eGaza yize kuselukhuni. Okwaka muva kube yisiphakamiso sika-Israeli nothe uma iHamas ingakhulula bonke labo abathunjiwe uzoma ukuhlasela iGaza izinyanga ezimbili.

Scroll To Top