Now Reading
Ukwesekwa ngamasosha aseNtshonalanga okuvimbela ukuxazululwa kwenhlekelele yase-Ukraine: uLavrov
Dark Light

Ukwesekwa ngamasosha aseNtshonalanga okuvimbela ukuxazululwa kwenhlekelele yase-Ukraine: uLavrov

UNgqongqoshe Wezangaphandle waseRussia utshele uMkhandlu Wezokuphepha weUnited Nations (UN) ukuthi into ebalulekile evimbela imizamo yokuxazulula impi ese-Ukraine ukuqhubeka nokwesekwa kwamasosha amazwe aseNtshonalanga kuHulumeni waseKyiv.

USergei Lavrov uphinde wazichitha izinkulumo zokuthi uma iRussia ingase ihoxise amabutho ayo e-Ukraine futhi kuphele lempi eseUkraine.

Njengoba impi esempumalanga ye-Ukraine iqhubeka ngaphandle kokuthola inzuzo ecacile nhlangothi zombili, iRussia isola ukwesekwa kwaseNtshonalanga kwesitha sayo njengesithiyo esibalulekile ekuxazululeni le ngxabano ngokuthula.

 “Nakuba kusobala ukuthi isezinhlungwini futhi ayikwazi ukufeza izinhloso ezibekele yona, okuwukuhlula iRussia ngamasu noma, njengoba sekushiwo muva nje, okungenani ukwenza izwe lami libe buthaka. Iqiniso liwukuthi naphezu kokwehluleka okuphelele kwe-UAF enkundleni yempi, abaxhasi baseNtshonalanga yombuso waseKyiv bayaqhubeka nokubacindezela ukuthi balwe – bayahlanya kulokhu – bangaqhubeka nokubaphushela ekuqhubekeni nokulwa kwamasosha okungenangqondo, “kusho uSergei Lavrov.

IMelika isalokhu ingumnikeli omkhulu wezempi e-Ukraine, njengoba inikele cishe ngamadola ayizigidi eziyizinkulungwane ezingama-44 kusukela ngoNhlolanja wezi2022 – okuyingxenye yezigidigidi ezingama-155 zamaDollar ekusekeleni kwamasosha aseNtshonalanga kuze kube manje.

I-White House njengamanje ilwa ne-House of Representatives eholwa yiqembu lamaRepubliccan ukuze igunyaze enye imali eyizigidi eziyizinkulungwane ezingama-61 ebekelwe i-Ukraine, izigidigidi ezingama-44 zaleyo ehloselwe ukuhlinzekwa kwemishini yokuvikela ngowezi-2024 kuphela ngenkathi amazwe angamalungu e-European Union ezohlangana eBrussels ekuqaleni kukaNhlolanja ukuzodingida ngezigidigidi zamaDollar zosizo olusha oluya e-Ukraine.

See Also

ULavrov waphikisa ngokuthi ukucela iRussia ukuthi iyeke ukulwa kwakungeyona into engacatshangwa.

“Sesizwile izikhathi eziningi, kanye nalapha namuhla kanye nozakwethu baseNtshonalanga, isitatimende sabo esiphikisayo, sokuthi uma iRussia iyeka ukulwa, impi izophela. Kodwa uma i-Ukraine izoyeka ukulwa, lokho kochaza ukushabalala kwayo. Izikhulu eziphezulu e-United States ziqhubeke zaze zathi iRussia izohlasela iPoland, izifunda zaseBaltic kanye neFinland ngemva kwalokho. Lezo yizinto eziningi ongazicabanga uma ufuna ukukhipha imali kuCongress kanye namaphalamende aseYurophu. Lapho ubaqinisekisa ngesidingo sokuqhubeka nokweseka i-Ukraine kube kuyingozi kubantu balawomazwe. ”

I-Ukraine yajoyinwa cishe amazwe angama-50 ase-Europe nakwamanye aseNtshonalanga ngokusola iRussia ngobuzenzisi okuhlanganisa nokwamukela izikhali ezivela emazweni afana ne-Iran kanye ne-DPRK, ngokwephula izinqumo zoMkhandlu Wezokuphepha ezivimbela ukudluliselwa okunjalo.

Scroll To Top