Now Reading
Ukuxoshwa komshushisi kudale uqhekeko ePoland
Dark Light

Ukuxoshwa komshushisi kudale uqhekeko ePoland

UNgqongqoshe Wezobulungiswa ePoland uphambane nomthetho ngokuxosha uMshushisi Wombuso uDariusz Barski, kusho umsizi kaMongameli ngoMsombuluko, nokuvule ingxabano phakathi kwenhloko yezwe kanye nohulumeni omusha.

UNgqongqoshe Wezobulungiswa, u-Adam Bodnar, unikezwe umsebenzi wokukhipha izinqubomgomo zikahulumeni wangaphambilini we-Nationalist Law and Justice (PiS), abagxeki abathi zandisa ithonya lezepolitiki ohlelweni lwezobulungiswa.

Ukubuyisela emuva izinguquko ze-PiS kubalulekile uma iPoland izovula izigidigidi zama-euro kuxhaso lwe-European Union olumisiwe ngenxa yokukhathazeka ngokuzinza kwalelizwe. Kodwa-ke, kuletha ukungqubuzana phakathi  kukahulumeni omusha osekelwa kakhulu e-Europe  noMongameli u-Andrzej Duda, umlingani we-PiS, okudala ukungezwani ekuqaleni kwalokho osekuvele kunesiyaluyalu emasontweni ambalwa okuqala “okuhlalisana,” lapho umongameli nohulumeni bevela kwizinhlangothi zombusazwe ezihlukene.

“Izenzo zikangqongqoshe wezobulungiswa azikho emthethweni,” kusho uMarcin Mastalerek, inhloko yehhovisi likaDuda, etshela umsakazi ozimele iRadio Zet. Umengameli bekumele akhulume ngoMsombuluko noBarski, okwathi ngokwemibiko yabezindaba, wayekhona emshadweni kaNgqongqoshe wezoBulungiswa wangaphambili uZbigniew Ziobro.

“Umengameli usho ngokuqondile ukuthi uMnu. uBarski ungumshushisi wombuso, futhi namuhla kubonakala sengathi lo mhlangano usuqalile – yilokho azokutshela umshushisi,” kusho uMastalerek.

. Umongameli uthe uBodnar akanalo igunya lokuxosha uBarski eyedwa. Umnyango wezobulungiswa uthe ukuqokwa kukaBarski bekungafanele, njengoba imithetho eyayisebenza ngesikhathi eqokwa yayivimbela umuntu owayesethathe umhlalaphansi ukuthi athathe indima yokuba umshushisi wombuso.

See Also

Ngesikhathi se-PiS , abanye abashushisi bakhala ngethonya elingafanele lezepolitiki emsebenzini wabo. Labo abenze izifiso zeqembu bathuthuke ngokushesha emisebenzini yabo, kanti abaphikisi bePiS bathi bajezisiwe. I-PiS ithe izinguquko zayo kuhloswe ngazo ukushanela ukuhlanekezela nokungasebenzi kahle okusele ekubuseni kwamakhomanisi.

UBodnar utshele izintatheli ngoMsombuluko ukuthi ufuna umshushisi omusha wombuso kube umuntu “ojabulela igunya eliphelele, inhlonipho evela kuyo yonke imibuthano yezomthetho, futhi ozoqinisekisa ukusebenza kahle kwehhovisi lomshushisi esikhathini esizayo.”

U-Bodnar uthe unikeze u-Jacek Bilewicz izibopho zomshushisi wombuso okwesikhashana ngesikhathi kuqhubeka inqubo yokukhetha ozongena esikhundleni unomphela. Uphinde wathi uzokwethula amaphuzu amqoka omthethosivivinywa ngaphambi kokuphela kwesonto ozohlukanisa izikhundla zikangqongqoshe wezobulungiswa kanye nomshushisi jikelele.

Scroll To Top