Ziyashoshela izinhlelo zokuhoxisa amasosha eDRC
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Cishe amasosha ayizi-2 000 eNhlangano Yezizwe azophuma ezindaweni ezisempumalanga yeDemocratic Republic of Congo ekupheleni kukaMbasa esigabeni sokuqala sokuhoxa kophiko lokugcinwa kokuthula kuleliya lizwe, kusho inhloko yethimba ngoMgqibelo.
UMkhandlu Wezokuphepha we-UN ugunyaze ukuphela komkhankaso ngoZibandlela kulandela isicelo sikaMengameli uFelix Tshisekedi ngoMandulo sokusheshisa ukuhoxiswa kwamasosha okugcina ukuthula.
Ibutho okwamanje elinamandla eliyizi-13,500, elaziwa nge-MONUSCO, lathatha izintambo emsebenzini wangaphambilini we-UN ngowezi-2010 ukusiza ukuqeda ukungavikeleki empumalanga yalelizwe elise-Afrika Emaphakathi, lapho amaqembu ahlomile elwela indawo nezinsiza.
Kodwa eminyakeni yamuva nje, ubukhona balo sebulokhu bungathandeki kulokho abagxeki bathi lelibutho liyehluleka ukuvikela izakhamuzi emaqenjini ahlomile, okwaqubula imibhikisho ebulalayo.
“Sinamasosha ayizi-13,500 agunyazwe uMkhandlu Wezokuphepha, kusukela ngomhla zingama-30 kuMbasa, njengoba kusaqhubeka ukuhoxa, sizofinyelela kwizi-11,500,” kusho uBintou Keita, inhloko yaleli thimba, etshela isithangami sabezindaba esihlanganyelwe nezikhulu zikahulumeni.
Isigaba sokuqala kwezintathu zokuhoxisa amabutho sizoqala esifundazweni esiseNingizimu i-Kivu, wengeza ngokuthi izizinda ezili-14 ze-UN esifundazweni zizothathwa abezokuphepha baseCongo. Amasosha okugcina ukuthula e-U.N. ngokuhamba kwesikhathi azohoxa ezifundazweni zaseNorth Kivu nase-Ituri ezigabeni ezilandelayo.
UNgqongqoshe Wezangaphandle eCongo uChristophe Lutundula utshele isithangami sabezindaba enhlokodolobha iKinshasa ukuthi amasosha asele e-U.N. kulindeleke ukuthi abe esephumile ezweni ngoZibandlela zingama-31.”Ukuhoxa kwalamabutho akusho ukuphela kwempi kepha senza lokhu ukuvikela ubuzwe bethu nokuzimela kwalelizwe, sizoqhubeka nalempi”kusho uLutundula.
Bangaphezu kwezigidi eziyisi-7 abantu abangenamakhaya ngenxa yezingxabano eCongo, ikakhulukazi ezifundazweni ezintathu ezisempumalanga lapho izinkulungwane zamaqembu ahlomile ziqhubeka nokusebenza.