IMelika isiyehluleka ukuncelisa amawele
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
UBidin uya okhethweni olumqoka izimpi lezi zingahle zimdonsele emuva
Leli bekuyisonto elimqoko kwipolitiki yesimomazwe. Injolozela ibikumazwe nabaholi ababili, uNetanyahu wakwa-Israeli kanye noZelensky wase-Ukraine. Isonto liqale ngevoti elenze iMelika no-Israeli bakhala ngaphansi. Leli bekuyivoti lamazwe omhlaba ali-193 ku-United Nations General Assembly (UNGA) nayilapho bekunesiphakamiso ngempi eqhubeka eGaza.
Ivoti belimayelana nesinqumo esithi akume ukulwa eGaza kuvunyelwe izinhlelo zosizo. Kuthe uma kuvotwa ngoLwesibili amazwe ali-153 avuma, kwathi angama-23 angavota kwase kusala ali-10 aphikisane nesiphakamiso.
Bekuqala ukuthi iMelika yehluleke ukuvikela u-Israeli odabeni oluthinta ama-Palestina. Obese kwejwayelekile wukuthi ku-Security Council uma nje kuke kwanento ethinta u-Israeli iMelika isebenzise amandla ayo ukuphebeza ivoti. Kulokhu akubanga njalo. Kuthe kusenjalo kulo leli sonto kwezwakala izindaba ezithi uMengameli waseMelika ngasese uphimise amagama athi ukwenza kukahulumeni kaNetanyahu kokubhubhisa kwasani eGaza kuqhelisa ukwesekwa kuka-Israreli ngamanye amazwe amqoka kakhulu entshonalanga.
UBidin ubengaqambi wona amanga ngoba lokhu kube sobala ngesikhathi kunevoti ku-UNGA ngoLwesibili. Emazweni angama-27 angaphansi kwe-European Union ( EU) kube yi-Austria ne Czech Republic ebe ngaphesheya . Ali-17 wona avumelane nesiphakamiso kwathi ayi-8 aqoma ukungavoti. Lesi simo sifaka iMelika kwingcindezi kanjalo ne-EU njengoba babuye babambisane kwenye impi eqhubeka e-Ukraine.
Emasontweni adlule umengameli wase France waphimisa amagama aveza ukukhathazeka nokukhathala yimpi lapho ethi “uma ngabe inhloso wukusimpula i-Hamas okusho ukuthi impi lena izothatha iminyaka eli-10”.
Ukukhuluma kukaBidin kanye nevoti libukeka linenge elakwa-Israeli njengoba kuthe kusenjalo ungqongoshe wakhona wezangaphandle uthe u-Israeli uzoyilwa lempi ngisho umhlaba ungasabaseki.
Lokhu kukhuluma kuveza isithombe esidala sokuthi uhulumeni kaNetanyahu awuwezwa kahle ama-Democrat kusuka kusengu Obama umengameli nokuthe kungaphatha uTrump ubudlelwano bangcono. Kulokhu ama-Republican adlala umdlalo omude njengoba ezinyangeni ezedlule iNdlu eholwa ngamaRepublican iphasise isamba semali sezigidigidi ezili-$14.5 sokulekelela umbutho wakwa-Israeli.
Lokhu ngaboni ngasolinye kuka Biden, amanye amazwe e-EU no-Israeli esontweni lapho amasosha akwa-Israeli ehlangabezane nobunzima njengoba ngoLwesithathu kusale alishumi enkundleni ebhekene nezihonga zeHamas. Ngokombiko kulokhu kungqubuzana kuhambe nabakhuzi bempi.
I-Ukraine yona isehlane
Kwenzeka konke nje lokhu uMengameli wase Ukraine kasabuthi quthu ubuthongo uhambe enxenxa ukuba iMelika imeseke naye ngezimali adudule iRussia. Size sayoshicilela kungahlangani ngoba amaRepublican amile ekutheni uma kuxhaswa i-Ukraine ayande nemali yokulungisa ezokuphepha emngceleni yaseMelika. USomlomo uJohson uthe uhulumeni kaBiden ugila imihlola ngokufuna bona baxhase ngezigidigidi i-Ukraine kepha lingekho iqhingasu ekutheni lempi izonqotshwa kanjani. Lokhu lomholi ukusho nje esanda kuhlangana noZelensky.
Ukunyakaziswa kweMelika phakathi kokunye kubukeka kudalwa wumkhankaso ozayo kwesikamengameli kuleliyazwe. UBiden kulesi simo usehlazweni njengoba amazwe omhlaba abuka ukwehluleka kwakhe ukugcina isethembiso asenza uma kuphuma uTrump nayemsola ngokwehlisa ukwethenjwa kweMelika emhlabeni. Okusobala nokho wukuthi amaRepublican angahle avume ukuxhasa iUkraine ngonyaka ozayo esemkhame athola konke akufunayo okunye kwakho wukubuyisa inqubomgomo kaTrump ayichithayo mhla ethatha amandla.
Okunye okusobala wukuthi uma iMelika kumele ikhethe phakathi kokweseka u-Israeli noma i-Ukraine impendulo ilula- ayoseka u-Israeli nokuyinto ekhathaza i-Ukraine njengoba kusuka ngomhla ziyi-7 kuMfumfu wonke umuntu usebheke eGaza. Isicelo sika mengameli wase-Ukraine ngesokuthi iMelika ingabalibali ngoba “isiqhwaga” esingu Putin siza kabi.