Now Reading
Isibhicongo sishiye kukhalwa eSierra Leone
Dark Light

Isibhicongo sishiye kukhalwa eSierra Leone

Kushone abantu abangama-20 kwathi iziboshwa ezibalelwa kwizi-2 000 zeqa ngesikhathi kuhlaselwa isikhungo samasosha, ijele nezinye izindawo eSierra Leone.

Lelizwe eliseNtshonalanga Afrika lagcwala uvalo ekuseni ngesikhathi abahlaseli bedubula enhlokodolobha iFreetown. Uhulumeni wasola “amasosha angamambuka” athi axoshiwe. UMengameli uJulius Maada Bio ethula inkulumo yakhe ngeSonto uthe iningi labaholi balokhu kuhlasela liboshiwe futhi nemizamo yokubamba abanye iyaqhubeka. Sekuqaliswe uphenyo, kusho umengameli

Okhulumela umbutho uColonel Issa Bangura utshele abeReuters ukuthi abangama-20 abashonile kubalwa amasosha ali-13, abahlaseli abathathu, iphoyisa, isakhamuzi kanye nomuntu osebenza kwinkampani yonogada ezimele. Kulimale abantu abayisishiyagalombili kwaboshwa abathathu. Iziboshwa ezingaba yizi-1 890 zeqe ejele eliphakathi noPademba Road ngemuva kokuba abahlaseli begqekeze lelijele, ngokombiko wesimo izikhulu zejele zihlanganyele neReuters ngoMsombuluko. Kuze kube manje, zingama-23 iziboshwa esezitholiwe, kusho umbiko.

Kuhlaselo olidonse amahora amabili, abahlaseli bavule isango elikhulu ngemoto ngemuva kokuqhuma kwesibhamu kanye nesiqhumane serocket sihlulekile ukwephula izivikelo zasejele, kusho uColonel Shek Sulaiman Massaquoi, ibamba lomqondisi jikelele we-Sierra Leone Correctional Service. Ngaphakathi ejele ngoMsombuluko, intatheli yeReuters ibone iminyango yamaseli ivuliwe noma ikhishwe ngokuphelele, kanye nezinqwaba zikadoti lapho kuhlanzwa okuqhubekayo. Amaphoyisa anxuse iziboshwa ukuthi zibuyele ejele esitatimendeni sangoMsombuluko, aphinde anikeza umphakathi imiklomelo ngemininingwane mayelana nokuthi bakuphi abeqe ejele noma abahlaseli.

Uzinzo

Impilo ibuyele esimweni eFreetown ngoMsombuluko ntambama njengoba kuvulwe izitolo namabhizinisi ngemuva kokuthi uhulumeni ehlise isikhathi sokubuya ekhaya sosuku lonke kwaba ngesasebusuku ngehora le-9 kuze kube ngelesi-6 ekuseni GMT.

See Also

Embukisweni wokubuyela esimweni esijwayelekile, i-akhawunti ka-Bio enkundleni yojuxhumana u-X ngoMsombuluko yabelane ngesithombe sikamongameli ngemuva kwedeski lakhe ehhovisi lakhe ethi usemsebenzini. “Umsebenzi ophambi kwethu mkhulu kakhulu futhi uyaphuthuma ukuthi ungaphazanyiswa yilabo abafuna ukunciphisa ukuthula nokuvikeleka esikujabulele njengezwe,” esho kulenkundla yokuxhumana.

I-Sierra Leone, esalulama ezimpini zombango zangowe-1991-2002 lapho kwabulawa khona abantu abangaphezu kwezi-50,000, kushubile selokhu u-Bio aqokwa kabusha ngoNhlangulana, umphumela wenqatshwa yilowo owayengenele ukhetho olukhulu futhi wathola ukungabazwa ozakwabo bamazwe ngamazwe okuhlanganisa ne-United Nations kanye ne-European Union.

NgoNcwaba wezi-2022, okungenani izakhamuzi ezingama-21 namaphoyisa ayisithupha babulawa emibhikishweni emelene nohulumeni.

Scroll To Top