Now Reading
Limthethile owayegaqele esobuNdunankulu eThailand 
Dark Light

Limthethile owayegaqele esobuNdunankulu eThailand 

Inkantolo yaseThailand inqume ukuthi lowo owayegaqele esobundunankulu u-Pita Limjaroenrat akazange aphule umthetho wokhetho futhi angase ahlale engumshayimthetho wasinda ecaleni lokuqala kwamabili elibhekiswe eqenjini eliphikisayo i-Move Forward Party.

UPita, oneminyaka engama-43, ofunde eHarvard, imizamo yakhe yokuba undunankulu yabhuntshiswa ngabashayimthetho ababehlangene namasosha asebukhosini, utholwe engenacala njengoba inkantolo ibone ukuthi inkampani anamasheya kuyo  ayinaso isivumelwano sokusakaza futhi akufanele ithathwe njengenhlangano yabezindaba. .

Lesi sinqumo sizofaka umfutho kwi-Move Forward ethuthukayo, eyawina okhethweni lwangonyaka odlule, lapho leliqembu ladonsa abavoti abasha nabasemadolobheni ngohlelo lwayo  lokuqeda ukuxhashazwa kwamabhizinisi kanye nokuguqula umthetho ojezisa ukuthukwa kobukhosi ngokubhadla ejele isikhathi eside.

Njengeqembu elikhulu kunawo wonke ephalamende, i-Move Forward isalokhu isayisithiyo esikhulu kumbuso okhona  e-Thailand, njengoba leliqembu liqhubeka nokugcina ukuthandwa kwalo yintsha ngenxa yokusebenzisa abaholi abanogqozu futhi nokusebenzisa ngobuchule izinkundla zokuxhumana.

Inkantolo efanayo ngesonto elizayo izonquma ukuthi uhlelo lweMove Forward beluphambene yini nomthethosisekelo futhi lufana nomzamo “wokuketula umbuso wentando yeningi kahulumeni neNkosi njengenhloko yezwe.”

See Also

Lawa macala amabili, alethwe osopolitiki abangama-conservative, ayingxenye yempi yeminyaka eyishumi yokubusa e-Thailand ehlanganisa kabanzi ukuhlangana kwamalungu omndeni wasebukhosini, amasosha kanye nemindeni emidala enemali emaqenjini akhethwe kumapulatifomu angosaziwayo noma aqhubekayo.

Umanduleli wenhlangano i-Move Forward, i-Future Forward, itholwe inecala ezinqumweni ezimbili zeNkantolo Yomthethosisekelo kusukela ngowezi-2019 kuya kowezi-2020, lapho owayengumholi kanye nowayegaqele esobundunankulu ngaleso sikhathi uThanathorn Juangroongruangkit wahoxiswa, naye ngenxa yodaba lwamasheya enkampanini thizeni, futhi iqembu lahlakazwa ngokwephula imithetho yokuxhasa umkhankaso.

Scroll To Top