Now Reading
I-Russia ayikhombisi kuhlehla empini eseUkraine nakulonyaka
Dark Light

I-Russia ayikhombisi kuhlehla empini eseUkraine nakulonyaka

Ukuhlasela ngemicibisholo kweRussia kubulale abantu abali-11 kwalimala abayi-10 ngempelasonto edlule edolobheni elisempumalanga e-Ukraine iPokrovsk, kusho umbusi wendawo elawulwa yi-Ukraine esifundeni saseDonetsk. Abahlanu kwabashonile bekuyizingane. Isikhulu se-UN e-Ukraine sizwakalise ukushaqeka ngalesi sigameko.

Imizamo yokuhlenga iqhubeke kwaze kwaba sebusuku. Izithombe ezifakwe ku-inthanethi ngumbusi wesifunda u-Vadym Filashkin zibonise amaqembu ehlunga izinqwaba zemfucumfucu ebumnyameni kanye nemoto eshile.

UFilashkin utshele ithelevishini yase-Ukraine ukuthi amabutho aseRussia cishe ngehora lesi-3 ntambama. Anqume ukuqala”imbhubhiso enkulu” kwePokrovsk ngemicibisholo ye-S-300. “Ngenxa yalesi sigameko sokuhlasela kwashona abantu abali-11, okubalwa nezingane ezinhlanu ezineminyaka esukela kwemithathu kuya kweli-17, kulimale abantu abayishumi. Imisebenzi yokutakula iyaqhubeka. Sekuzosa sizoziqonda kangcono izinombolo zokugcina zabalimele.” Kusho umlawuli.

Phambilini uFilashkin uthe ukuhlaselwa okukhulu bekubhekiswe edolobheni iPokrovsk nezigodi eziseduze eziqhele ngamakhilomitha angama-80 ukusuka enkabeni yesifunda ephethwe yiRussia, iDonetsk. Uthe amabutho aseRussia “ayezama ukuletha usizi olukhulu ngangokunokwenzeka ezweni lethu.”

UMengameli uVolodymyr Zelenskiy, enkulumweni yakhe yasebusuku ngevidiyo, uthe lokhu kuhlasela “kuqonde ngqo ezindlini zezakhamizi. Futhi iRussia kumele yenziwe ibe nomuzwa wokuthi akukho nesisodwa salokhu kuhlasela okuzokwenzeka  ngaphandle kwemiphumela kuleliyalizwe(Russia) lamaphekula.”

Ukuphawula koweUnited Nations

UDenise Brown, umxhumanisi wenhlangano iUnited Nations e-Ukraine, uthe “uthukile ngempela” ngalokhu kuhlasela futhi, ikakhulukazi, nokufa kwezingane. “Lezi bekuyizingane nje ezibulewe ngenxa yale mpi,” kusho uBrown esitatimendeni.

Uthe ukuhlasela kwamaRussia emadolobheni kwakamuva “kushiya isibalo esibi sezingane, abesifazane namadoda bebulewe futhi balimala kanye nomkhondo wokulahleka nokucekelwa phansi kwengqalasizinda. ” Akuzange kube khona impendulo esheshayo esicelweni sokuphawula ngalesi sigameko esivela eMnyangweni Wezokuvikela waseRussia.

See Also

Isitatimende samasosha aseRussia esikhishwe phambilini ngoMgqibelo sithe amasosha ahlasela inkambi yamasosha ase-Ukraine eduze kwasePokrovsk, ebhekise kuleli dolobha ngegama lesikhathi saseSoviet iKrasnoarmeisk.

Futhi isikhulu esiphezulu saseMoscow esisebenza ezindaweni zase-Ukraine eziphethwe yiRussia, uRodion Miroshnik, sithe amasosha ase-Ukraine ahlasele ngemicibilishoyo isibhedlela eDonetsk, kwalimala iziguli ezintathu. Izithombe azifake ku-inthanethi zikhombise umonakalo emakamelweni nasezindaweni ezingaphandle.

I-Russia iyakuphika ukuhlasela izakhamizi kulempi eseUkraine eyaqala ngoNhlolanja wezi-2022.

Scroll To Top