Now Reading
Akekho ohlwini lwabazongenela ukhetho eSenegal umholi ophikisayo
Dark Light

Akekho ohlwini lwabazongenela ukhetho eSenegal umholi ophikisayo

Umkhandlu womthethosisekelo waseSenegal ngoMgqibelo ukhiphe uhlu lokugcina lwabangama-20 abazongenela ukhetho lobuMengameli ngoNhlolanja kulonyaka olungabandakanyi umholi ophikisayo u-Ousmane Sonko kanye noKarim Wade, indodana yowayengumongameli u-Abdoulaye Wade.

UMongameli Macky Sall uzodedela izintambo zombuso ngemuva kokukhipha isinqumo sokuthi angeke athathe ihlandla lesithathu ngoNtulikazi, eqeda ukuqagela okude okwasiza ukubhebhethekisa udlame olwedlulele emlandweni wesimanjemanje walelizwe eliseNtshonalanga Afrika.

Uhlu lwalo mkhandlu lwabazongenela ukhetho luhlanganisa owakhethwa  u-Sall, uNdunankulu u-Amadou Ba, owake waba yiMeya yaseDakar  uKhalifa Sall, kanye no-Idrissa Seck owayengundunankulu. Lithe isicelo sikaSonko besingafanele ngenxa yesigwebo esilengisiwe esimataniswa necala lokwehlisa isithunzi.

USonko, oneminyaka engama-49, ubebhekene namacala ahlukene ezinkantolo kusukela ngowezi-2021 kanti iziphathimandla ziyaziphika izinsolo zakhe zokuthi zinenhlese yezepolitiki, nakuba ukuphathwa kwakhe  kubhebhethekise uthuthuva kuleliyalizwe.

Uvalo lokuthi ukukhishwa kwakhe ngaphandle kungase kudale imibhikisho eminingi selokhu u-Sall ememezele ukuthi ngeke asebenzise uguquko lomthethosisekelo wangowezi-2016 ukubuyisela igunya lakhe, iqhinga elisetshenziswa abanye ababusi esifundeni ukwelula amandla.

Ngenxa yalokhu, umqhudelwano wangomhla zingama-25 kuNhlolanja ungowokuqala selokhu iSenegal yathola inkululeko lapho umongameli osesikhundleni engafuni ukuqokwa kabusha ngemuva kokudonsa amahlandla amabili.

Okunye okuphawulekayo okukhishiwe ohlwini lwabazokhethwa nguKarim Wade. Yena noKhalifa Sall babone amathemba abo okungenela umjaho wokugcina kamongameli echithwa ukugwetshwa kwabo. Bobabili sebethole ushwele kamongameli, kodwa uWade kuthiwa akafaneleki kulokhu ngenxa yokuba nobuzwe obubili ngesikhathi efaka isicelo sakhe.

Njengoba u-Sall kanye no-Sonko ngokusobala bephumile emjahweni, akakabikho ohamba phambili ocacile okwamanje. Ukunakwa kugxile kumlandeli ka-Sall okhethiwe u-Ba, kanye nabaphikisana no-Sall isikhathi eside u-Khalifa Sall kanye nowayengumbusi u-Seck, osegijima okwesine.

See Also

Uhlu lokugcina luhlanganisa no-Bassirou Diomaye Faye, amalungu eqembu lika-Sonko eselahlakazwa i-Pastef ngoLwezi amqoka njengomuntu ozosekela uma kwenzeka kuxoshwa u-Sonko.

NjengoSonko, uFaye uboshiwe kodwa usafaneleka ukungenela ukhetho njengoba bekungakaphumi sinqumo ngecala abekwe lona. Ubhekene namacala ahlanganisa ukwehlisa isithunzi nokubukela phansi inkantolo.

Ngaphambi kokuthi lolu hlu lukhishwe, uMamadou Sy Albert, ongumhlaziyi wezepolitiki, utshele abeReuters ukuthi kubukeka sengathi mancane amathuba okuthi noma ngubani kwabangenele ukhetho avikele amavoti angaphezu kwama-50%, okudingekayo ukugwema umzuliswano wesibili. “Noma ngabe ngu-Amadou Ba noma iqembu eliphikisayo … kunzima ukucabanga ukunqoba emzuliswaneni wokuqala,” esho. “Akucaciswanga kakhulu.”

Uhlabe umkhosi ukwehlukana eqenjini likaMongameli Sall kanye nokukhathazeka ngokuthi u-Ba akakaze angenele ukhetho lukamongameli, kuyilapho iningi labamelene naye benzile.

Scroll To Top