Icala eliveza iNingizimu Afrika njengoMvikeli walabo abangenamandla


Ngesikhathi amazwe amaningi omhlaba eluma ephephetha ebalekela ukusha iminwe odabeni lokubhuqwabhuqwa kwabantu zinsuku zaphuma eGaza, iNingizimu Afrika ingene emlandweni izolo ngesikhathi kungena icala elifake i-Israeli eNkantolo Yomhlaba i-International Court of Justice e-The Hague. Le nkantolo iyingxenye yeNhlangano Yezizwe noluqula amacala athinta ukubhujiswa ngokobuhlanga.
Elakuleli kusethulo salo lisole u-Israeli ngokudla fumuka idle silaza kumaPalestina eGaza . Ngokumelana nesikhondlakhodla esingu-Israeli nesesekwa yi-United State of America (USA) elakuleli libe yisilomo hayi kuphela kwabase Palestina kepha nakumazwe omhlaba.
Ukuhlaselwa kwamaPalestina eGaza kuqalwe ngoMfumfu wangonyaka odlule emuva kwenkulumo eyenziwa uNdunankulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu. Kulenkulumo uNetanyahu wagqugquzela amasosha akwa-Israeli ukuthi angakhohlwa yilokho okwenziwa ama-Amaleki esizweni ebakhumbuza ngomlando wase bhayibhelini lapho kwabhujiswa khona isizwe okuhlanganisa abesifazane nezingane behlaselwa isizwe sama-Amaleki.
Leyo nkulumo yalandelwa ukuphawula kwePhini likaSomlomo eKnesset (okuyiphalamende lakwa-Israeli), owathi isiqhingana iGaza kumele sishabalaliswe emhlabeni. Laba baholi ngezinkulumo zabo babibikezela ukusocongwa kwamaPalestine eGaza okunyakazise umhlaba kepha iNingizimu Afrika ngaphansi kukaMengameli uRamaphosa yathi ayizosonga izandla ibukele.
Ngaphambi kokungena kwecala imibiko ithe ukuhlaselwa kwamaPalestina eGaza bekuqhubeka njengenhlalayenza. Esicelweni sayo iNingizimu Afrika igadla ngezazimthetho ezinamava zezinhlanga ezahlukene okukhona kuzo abaMeli basemaJajini uThembeka Ngcukaitobi, uJohn Dugard, uLerato Zikalala, u-Adila Hassim, uMax du Plessis, uVaughan Lowe, uThidiso Ramogale.
Esethulweni sakhe ebesigxile kumthetho iGenocide Act u-Advocate uHassim uthe kuze kube yimanje amaPalestine asebulewe ezinyangeni ezintathu ayizi-23 210. “Ingxenye engama-7% abesifazane nezingane, babulawa ndawo zonke. Lokhu nje kuwukwephula isiGatshana 2(a) seGenocide Convention”.
Esethulweni sakhe ucaphune uNobhala Jikelele Wenhlangano Yezizwe lapho ethi ngendlela ukubulawa kwabantu osekusabalele ngayo sekufike ezingeni lapho kungekho khona neyodwa indawo okungathiwa iphephile.
Esethulweni sakhe u-Advocate uNgcukaitobi uthe i-Israel yiyo elawula iGaza namaPalestine eGaza. Eqhuba uthe i-Israeli iqale ngokuthi ipheke ngobhojwana amaPalestina kule ndawo ngokuthi answinywe ekutholeni izidingongqangi zansukuzonke njengamanzi okulandelwe ukuhlaselwa.
Ngesikhathi kuqhubeka icala labo abangasohlangothini lakwa-Israeli bathe iNingizimu Afrika ngokufaka leli cala izikhombisile ukuthi ihambisana neHakarat al-Muqawana al-Islamiya (Islamic Resistance Movement) iHamas.Kukhona nabebenza izinsongo zokuthi uma lidlula leli cala elakuleli lizokuvuna lokhu elikutshalayo.
Ngokumela amaPalestina nokumelana no-Israeli elakuleli lithole isikhundla esisha kubantu namazwe omhlaba. Selibukwa njengabavikeli balabo ababuthaka emuva kokuthi ngisho amazwe ama-Arabhu abeshaya uzamthilili engaphumeli obala ngodaba lwaseGaza.