Inhloko yenyunyana enkulu yabalimi eFrance, iFNSEA, ithe imibhikisho ehlasele lo mkhakha ngenyanga edlule ingase iqale kabusha uma uhulumeni engenzi okwengeziwe ukuhlangabezana nezidingo zabo zokuholelwa okungcono nezimo zokusebenza.
Kubulawe umfundi edolobheni laseSenegal, iSaint-Louis phakathi nemibhikisho enodlame yangoLwesihlanu ephikisana nokuhlehliswa kokhetho lukamongameli, kusho uMnyango Wezangaphakathi.
Umbutho wezokuvikela kuleli iSouth African National Defence Force (SANDF) usukuqinisekisile ukushona kwamalungu amabili ngemuva kokuhlaselwa eDemocratic Republic of Congo (DRC) izolo.
Izwe iRussia lilungiselela ukulwa namazwe aseNtshonalanga phakathi neminyaka eyishumi ezayo futhi kungase kuvinjwe ukuhlangana kwamasosha ahlomile amazwe angaphandle, kusho uMnyango Wezobunhloli Wangaphandle wase-Estonia namuhla.
IHhovisi likaMengameli likuqinisekisile ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa uyalele ukuthi kujutshwe amalungu eSouth African National Defence Force (SANDF) ayizi-2 900 empumalanga yeDemocratic Republic of Congo.
IZimbabwe ihlele ukwenza izithangami ngokubulawa kwabantu okwaziwa ngokuthi iGukurahundi okwenzeka phakathi kowe-1982 kuya kowe-1986, lapho izinkulungwane zabantu abakhuluma isiNdebele bavalelwa, bahlukuluzwa, badlwengulwa futhi babulawa ngamabutho kaHulumeni.
Abezokuphepha eSenegal ngoLwesihlanu babhekane nezinkumbi zababhikishi abaphikisana nokubambezeleka kokhetho lukaMengameli, njengoba uNgqongqoshe Wezobulungiswa echithile izinsolo zokuthi ukuhlehla bekuyimizamo yokuthatha izintambo zokuphatha.
IPhalamende lase-Ethiopia ngoLwesine ligunyaze ukuqokwa kwesikhulu sezobunhloli uTemesgen Tiruneh njengephini likaNdunankulu, engena esikhundleni sikaDemeke Mekonnen, osesebenze iminyaka eli-11 kulesi sikhundla, kubika abezindaba.
UNdunankulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu uyibize “ngokuzikhohlisa” imibandela ebekwe yiHamas uma izodedela iziboshwa ezigcinwe eGaza, uNetenyahu uxwayise ngokuthi ukuvumelana nemibandela kungaholela “ekubulaweni kwabantu abaningi futhi.”
Irokhethi yashaya eduze kwenyuvesi edolobheni laseCongo, iGoma njengoba izinkulungwane zezakhamuzi zibalekela umkhankaso wamavukelambuso eM23 asabisa ngokuthatha leli dolobha elinabantu ababalelwa ezigidini ezimbili.
UMengameli waseSenegal uMacky Sall unqume uluhlehlisa ukhetho ngenxa yombango oqhubekayo mayelana nohlu lwabazongenela ukhetho kanye nezinsolo zenkohlakalo ngaphakathi kwenhlangano yoMthethosisekelo ebiphethe lolu hlu.
UMengameli uVolodymyr Zelenskyy uyalele ukuthi kudalwe igatsha elihlukile lamasosha ase-Ukraine azobhekana namadroni.
Inkantolo yaseThailand izolo inikeze izigwebo ezilengisiwe kowayegaqele isikhundla sobuNdunankulu uPita Limjaroenrat kanye nabanye abayisikhombisa bezombusazwe ngokubamba umhlangano ongekho emthethweni ngowezi-2019.
Inkantolo ephakeme ye-United Nations ngoLwesihlanu inqume ukuthi izolalela icala lapho iKyiv (inhlokodolobha yase-Ukraine) eyicele khona ukuthi imemezele ukuthi ayizange ibulale abantu empumalanga ye-Ukraine.
Amasosha ase-Ethiopia abulale abantu abangaphezu kwama-50 ngesonto eludlule edolobheni elisesifundeni i-Amhara ngesikhathi kuseshwa indlu ngendlu kulandela ukulwa namasosha endawo, kusho izakhamuzi ezintathu ezitshela abeReuters.
Uphinde waveza ukuthi iMoscow yayingahlosile ukuthatha i-Ukraine ngenkathi yethula umsebenzi wayo wezempi ngoNhlolanja wezi2022, kodwa yayimane ifuna ukuyivimba ukuthi ijoyine iNATO.
Inkantolo yaseKenya ikwenqabele ukuthunyelwa kwamaphoyisa aseKenya ayi-1 000 eHaiti, lesi sinqumo sibeka engcupheni umbutho wezokuphepha…...
UNdunankulu wase-Italy u-Giorgia Meloni wethule uhlelo lokusebenzisana ngoMsombuluko, okuhloswe ngalo ukuqinisa ukubambisana ne-Afrika, ukunqanda ukufuduka kwabantu abavela kwamanye amazwe.
Umholi waseHungary, uViktor Orban, bekunguye yedwa obevimbe uhlelo lwemali eyizigidigidi ezingama-50 zamayuro okuhloswe ngazo ukugcina…...
I-African Union (AU) ngoLwesibili icele ukuthi kube nezingxoxo phakathi kwe-Economic Community of West African States (ECOWAS) namazwe aholwa wumbutho aziwa ngeJunta.
U-Imran Khan, owayengundunankulu wasePakistan, ugwetshwe iminyaka eyi-10 ejele izolo. Lesi sinqumo sithathwa kabanzi njengengxenye yomkhankaso wamasosha wokumbeka eceleni yena neqembu lakhe.
Abaholi be-European Union (EU) bazohlangana namuhla lulunye kuNhlolanja wezi2024 eBrussels ukuze bazame ukufinyelela esivumelwaneni ngemali…...
Emuva kweminyaka emibili yokubhekana ngeziqu zamehlo amazwe ayinkukhu nempaka iRussia ne-Ukraine sebevumelene ukushintshisana ngeziboshwa nhlangothi zombili.
Uphiko lwezokuphepha e-Ukraine i-SBU lubike ukuthi seluvumbulule uhlelo lwenkohlakalo ekuthengweni kwezikhali. Ngokombiko inkohlakalo lena ilinganiselwa…...