Now Reading
Ikhwelo likaPapa ngezimpi ezigubuzele umhlaba
Dark Light

Ikhwelo likaPapa ngezimpi ezigubuzele umhlaba

UPapa uFrancis usekhiphe isicelo esisha ngokumelene nazo zonke izimpi njengoba evuse ukwesaba kokubulawa kwabantu abaningi bamaJuda nezinye izisulu zamaNazi ngaphambi koSuku olwaziwa ngeHolocaust Memorial oluzogujwa kusasa ngoMgqibelo.

“Sengathi inkumbulo nokugxekwa kwalokho kubhujiswa okunyantisayo kwezigidi zamaJuda nezinye izinkolo engxenyeni yokuqala yekhulu leminyaka elidlule kungasiza wonke umuntu ukuba angakhohlwa ukuthi umqondo wenzondo nobudlova awusoze wathethelelwa ngoba uphika ubuntu bethu,” kusho uPapa.

“Impi ngokwayo iwukuphika ubuntu. Masingakhathali ukuthandazela ukuthula, kuphele izingxabano, kuphele izikhali, ukukhululeka kwabantu abakhathele. Ngicabanga ngeMiddle East, iPalestine kanye ne-Israel.”

“Ngicabanga ngezindaba eziphazamisayo ezivela e-Ukraine , ikakhulukazi ukuqhuma kwamabhomu ezindaweni ezivame ukuvakashelwa izakhamuzi, ukufa, ukucekelwa phansi kwengqalasizinda  nokuhlupheka sekuyinjwayelo. Ngithandazela izisulu kanye nabathandekayo babo, nginxusa wonke umuntu, ikakhulukazi labo abanomthwalo wemfanelo wezombangazwe, ukuvikela impilo yabantu ngokuqeda izimpi, “kwengeza uPapa.

See Also

“Masingakhathali ukuthandazela ukuthula, ukuba izingxabano ziphele, izikhali ziphele, ukukhululeka kwabantu abakhathele,” kwengeza uFrancis. Umholi wamaRoma Katolika angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane e-1.35 emhlabeni ukhulume ngengxabano eqhubekayo yase-Israel-Palestine kanye nokuqhunyiswa kwamabhomu kwezakhamuzi e-Ukraine .

Upapa ubelokhu eliphindile iphuzu lakhe lokuthi akuphinda “Akekho onqobayo empini” lapho “Abantu abangabanqobi kusona sonke isikhathi sempi ngabakhiqizi bezikhali ezisetshenziswa empini.”

Scroll To Top