Sekumphindile u-Israel kulokhu umangalelwe neHamas
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Isimangalo esifakwe yiMexico neChile sibabizela kwi-International Criminal Court
Emuva kwamasonto amabili u-Israeli ubuzivikela enkantolo yomhlaba i-International Court of Justice (ICJ) emuva kokumangalelwa yiNingizimu Afrika. Kuleli sonto lelizwe selimangalelwe kwenye inkantolo yomhlaba i-International Criminal Court (ICC). Kulokhu nokho lelizwe kalihambi lodwa njengoba nenhlangano yezihonga zamaPalestina i-Hamas nayo imangalelwe. Abamangali ngamazwe amabili, iMexico neChile.
Lezi zinkantolo zomhlaba zizinze eHague kanti zenza umsebenzi owehlukile. ICJ iyinkantolo eshushisa noma ibheke izindaba ezithinta ohulumeni. Kwaba ngalesi sizathu iNingizimu Afrika ekumangaleni kwayo ingayifakanga iHamas. Ngakolunye uhlangothi abe-ICC bona babheka umuntu namaqembu angaphandle kukahulumeni.
Okubikwa ngo Israeli kulokhu akwehlukile ngoba konke kukhuluma ngempi eseGaza nokubikwa ukuthi sekufe abantu abayizi-25 000. Abe Hamas nabo basolwa ngalokho okwenzeka ngomhla zili-7 kuMfumfu nyakenye. Ngalolu suku abeHamas bagasela kwa-Isreali babulala abantu abancela kuma-200 bathunjwa.
IMexico neChile ithi lezi zinhlangothi zombili kumele ziphenywe ngokwenzeka eGaza nosekuyi nhlekelele. Phezu kwakho konke lokhu u-Israeli umile ekutheni wahlokolozwa wabe usuphendula izinduku.
Lokhu kwakamuva kufaka ingcindezi kuNdunankulu uNetanyahu ovukelwa nangamalungu kahulumeni wakhe kulezi zinsuku. Kanti naye usanda kudumaza abahlobo bezwe lakhe i-United State of America (USA) ne-United Kingdom (UK) ngesikhathi ethi kakholelwa kwiPalestine ezimele nokuphikisanayo nalamazwe.
Okuqaphelekayo ngalempi wukuthi u-Israeli yiwo olinyalwela yisithunzi njengoba izidumbu zezingane, abesifazane nezintatheli kanjalo nokubhubhiswa kwengqalasizinda kuyibeka njenge bhoklolo. Ngokwemibiko kuthiwa zingaphezu kwezi -40 000 izakhiwo esezibhujisiwe eGaza.