Isandla se-Iran siyasolakala ezimpini ezimqoka



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kusuka e-Ukraine, eGaza nase Suez Canal kuthiwa I-Tehran iyiqhatha ngesinqe
Izukhulu zempi kanye nezinhloli emazweni asetshonalanga zinokukhathazeka ngamandla noma isandla se Islamic Republic of Iran (Iran) kokwenzeka eMiddle East nase Ukraine. Imibiko eqhamukayo ithi lelizwe elingaphansi konswinyo lamazwe asentshonalanga selinamadla aphindaphindiwe ngale kwenuzi le ejeziselwa yona. Abase United State of America (USA) ngezinhloli zabo bamile ekutheni iTehran yiyo engemuva kwamaHouthis ahlasela imikhumbi olwandle olubovu nosekuphazamise ukuhamba kwemikhumbi eSuez Canal. I-USA ithi yi-Iran ehlomisa amaHouthis ngezikhali okubalwa imicibilisho yomlilo neziqhumane kanjalo nangobunhloli.
Ukuba ngonkunzi kayihlehli kwama Houthis kubonakele nayizolo nokuthe emuva kokuhlasela kwe-USA kanye neUnited Kingdom eYemen kepha aqhubeka agadla. Kulokhu agadle emkhunjini wase USA. Abezempi e-USA bakuqinisekisile ukuthi nembala amaHouthis agadlile nokho bathi umonakala ube mncane.
Esinye isigameko lapho iTehran isolwa khona yileso esenzeka kwa-Israeli ngomhla ziyi-7 kuMfumfu lapho ibutho leHamas nezinye izihonga okubalwa ne Palestinian Islamic Jihad (PIJ)zeqa umgcele zangena kwa-Israeli zenza umonakalo ongakaze ubonwe emlandweni wamaJuda.
Okwamangaza u-Israeli nomhlaba wubuchwepheshe obasetshenziswa nokwavala konke ukuxhumana emgceleni. Lapha kusolwa ukuthi iTehran nezinhloli zayo zalekelela zahlela nokuhlaselwa kuka Israeli nokho lokhu kuyaphikwa yi-Iran. Okunye ukusola kusekutheni iHamas ihlome iyizingovolo njengoba ikwazi ukumelana nempi ka-Israeli uma kufika emigwaqeni yaseGaza. Kanjalo nemicibilisholo ephoswa kwa-Israeli kuthiwa akuseyona le yeminyaka eyedlule, kulokhu ubuchwepheshe busobala.
Abanye okungeyona imfihlo ukuthi basekwa yi-Tehran yi-Hezbollah eholwa nguHassan Nasrallah. Leli butho kuyakholakala ukuthi lihlobe ukwedlula uhulumeni waseLebanon. Kubo bonke abanganika u-Israeli inkinga uma kufika kwezempi akekho owedlula iHezbollah ngenxa yokuba seduze no-Israeli nanokuhleleka . Izikhali lezi kuthiwa zivela eTehran.
Empini eqhubeka eUkraine iRussia kuthiwa idla ngazo izikhali zase-Iran nosekwenze abasentshonalanga neUkraine bakhathazeka. Kuthiwa iziqhumane nemicibilisholo yomlilo eyakhiwe e-Iran yenza umonakalo omkhulu ngenxa yesivinini namandla. Abase Iran empeleni abakuphiki ukuthi baseka iRussia . Kwisitatimende abasikhiphile esikhathini esedlule bakuveza ukuthi baphothula isivumelwane sokuhlinzeka iRussia ngamabhanoyi ezempi ama-Su-35, Mi-28 okungamabhanoyi ezempi anophephela emhlani kanye Yak-130. Konke lokhu kutholakala kwe-Iran ixhasa kalula nje labo abalwa no-Israeli nabaseMelika kwenza ibe yingozi kanjalo namandla abeka engozini amazwe asentshonalanga.
Ikwenza konke nje lokhu isanebhomu lenuzi udaba lwalo olusalutalagu njengoba abasentshonalanga bethi kabapheze ukuqhubeka nokwakha leli bhomu. Ngakolunye uhlangothi abase-Iran bathi no-Israeli neMelika nayo kayibhidlize izinhlelo zayo zokwakha izikhali zenuzi.