Now Reading
I-Russia ibe yinunu engafi nonyaka: UPutin usengenhla
Dark Light

I-Russia ibe yinunu engafi nonyaka: UPutin usengenhla

Kumazwe asentshonalanga into abekade ayeyifisa kwaba sengathi izokwenzeka. Lokhu kwabe kungaqali kepha amathemba ayesekutheni isitha se-Russia kulokhu siseduze kakhulu nokuthi isithombe esabe sivela ngesokuthi amazwe angaphansi kwe NATO ayikakile i-Russia. Nokho kubukeke umlando uziphinda lapho iMpi Ebovu (iRussia) iphendula amatafula. 

Yize kungeshiwo ukuthi empini ese-Ukraine kayibanga namhuzuko, okusobala yikuthi okwabe kubhekwe ngawasetshonalanga akuphumelelanga okwamanje. Into eyabe imqoka kwawasentshonalanga eholwa yi-United State of America wukuthi umnotho weRussia uguqe. Okwesibili ukuthi ihawu layo okungumbutho wezempi libuthwe phansi. Bekukhona nethemba lokuthi uPutin uzofakwa ingcindezi kuze kube abantu ababusayo bamvukela. 

Nokho sekukhona ukuvuma kwabanye emazweni asentshonalanga ukuthi izinto kazisahambi njengoba kwabe kuhleilwe. Kukhona abagxeka i-Ukraine phakathi kokunye ngobudedengu nobuqhude kwenye inkathi. Kukhona nje lapho uMengameli wase-Ukraine ake ayinyathela emsileni ngokukhuluma budedengu egxeka abaholi bamazwe asensthonalanga ngokungenzi okwanele ukunqanda uPutin nokulekelela i-Ukraine.

Lokhu kwamdalela amazinyo abushelezi umengameli wase Ukraine ngoba kwakha isithombe sokuthi nguye osekhomoza lamazwe nokuthi usezibona eyingxenye yawo kanti kasilona nelungu le -NATO noma i-European Union (EU).  Lokhu kuhlehlelwa zikhuni kugqame ngesonto eledlule ngesikhathi iMelika imbeka endaweni yakhe, 

UMengameli uZalenski wenze lokhu ahlale ekwenza kuzinhlokodolobha zamazwe ukuthi atheleke ayokhongela izwe lakhe. Kulokhu ubephuthuma eMelika njengoba abashayimthetho baleliyazwe bebebhunga ukuxhaswa kuka Israeli kanye nayo i-Ukraine. Uya nje usebonile ukuthi iMelika amehlo ayo kawasabhekile empini neRussia kepha osekuphambi kwayo yimpi eseGaza neqhutshwa ngumhlobo omdala wayo u-Israeli. 

UZelenski ubuyele ekhaya elambatha ngoba bebemupha nje indlebe bese bemtshela izingqinamba zabo nobekulandelwa yisethembiso sokuthi ekugcineni kuzoqonda. USomlomo uJohson uthe uhulumeni kaBiden ugila imihlola ngokufuna bona baxhase ngezigidigidi i-Ukraine kepha lingekho iqhingasu ekutheni lempi izonqotshwa kanjani. Lokhu lomholi ukusho nje esanda kuhlangana noZelensky. 

Ukuba manqika kweMelika phakathi kokunye kubukeka kudalwa wumkhankaso ozayo kwesikamengameli kuleliyazwe. UBiden kulesi simo usehlazweni njengoba amazwe omhlaba abuka ukwehluleka kwakhe ukugcina isethembiso asenza uma kuphuma uTrump nayemsola ngokwehlisa ukwethenjwa kweMelika emhlabeni.

Okusobala nokho wukuthi amaRepublican angahle avume isiphakamiso sika Biden sokuxhasa i-Ukraine ngonyaka ozayo esemkhame athola konke akufunayo okunye kwakho okuwukubuyisa inqubomgomo kaTrump ayichithayo mhla ethatha amandla. 

See Also

Okunye okusobala wukuthi uma iMelika kumele ikhethe phakathi kokweseka u-Israeli noma i-Ukraine impendulo ilula- ayoseka u-Israeli nokuyinto ekhathaza i-Ukraine njengoba kusuka ngomhla ziyi-7 kuMfumfu wonke umuntu usebheke eGaza. Isicelo sika mengameli wase-Ukraine ngesokuthi iMelika ingabalibali ngoba “isiqhwaga” esingu Putin siza kabi. 

UPutin nempi ebovu kulesi sikhashana sebeyibhubhise bayiqeda ingqalasizinda yase Ukraine. Lokhu kulindeleke ukuba kube nomthelela weminyaka eminingi ezayo. Khona lapho ukwazile ukunqanda imizamo yokududulela phansi umnotho phezu konswinyo nokubamba izimalli ezithile ze-Russia neyalabo abayizinjinga ezweni. 

Ongoti badalule ukuthi nonyaka umnotho we-Russia usesimweni esejwayelekile njengoba bethi i-GDP yakhona izokhula ngaphezu kwamaphesenti amathathu.  Ngisho nangonyaka ozayo izingqapheli zithi umnothi uzokhula ngamaphesenti ama -2.3% okuyisibalo esingaphezu kwaleso ebesibhekwe yi International Monetary Fund eyabe isibeke ku 1.1 % nebhange laseRussia elalithe kuyoba ngama-0.5% -1.5%. 

Izinkomba zithi impi ebovu kuze kume yinamuhla isami noPutin phezu kokuba ikhona imizamo yokuyihlakaza. Kwale ngisho isihonga esingu Yevgeny Prigozhin ebesihola ibutho elesatshwayo  lama-Wagner liphakamisa umhlwenga kuncanywa awasensthonalanga. Konke lokho kushabalele ngoNcwaba njengoba efe engozini yendizamshini. Kwenzeke lokhu kwathula ezweni yaqhubeka impilo. Izinkomba zithi ngaphandle uma kukhona okungenzeka, okwamanje uPutin usengenhla ngoba konke okwenzeka kuye neRussia akubonakali ukuthi ubengakulindele. 

Scroll To Top