Now Reading
IFrance iyaziphika izinsolo zeRussia zokuthi inezinkabi e-Ukraine
Dark Light

IFrance iyaziphika izinsolo zeRussia zokuthi inezinkabi e-Ukraine

IFrance iziphikile ngoLwesine izimangalo ezenziwe yiRussia zokuthi kukhona izinkabi (mercenaries) zaseFrance e-Ukraine, njengoba iphendula isitatimende esenziwe ngasekuqaleni kwaleli sonto nguMnyango Wezokuvikela waseRussia sokuthi iRussia ibulale amasosha aseFrance eKharkiv.

“IFrance isiza i-Ukraine ngempahla yezempi nokuqeqeshwa kwezempi, ngokuhambisana ngokugcwele nomthetho wamazwe ngamazwe, ukuze isize i-Ukraine emzabalazweni wayo wokuvikela ukuzimela kwayo, nokulawula kanye nokuziphatha kwenhlabathi yayo,” kusho uMnyango Wezangaphandle waseFrance.

“IFrance ayinazo izinkabi, hhayi e-Ukraine noma kwenye indawo, ngokungafani nabanye abathile,” kwengeza isitatimende.

NgoLwesithathu, iRussia ithe amasosha ayo aqhube umkhankaso ngosuku olwedlule esakhiweni esihlala “amasosha angaphandle” edolobheni lesibili lase-Ukraine, iKharkiv.

See Also

UMnyango wezokuVikela waseRussia uthe iningi lalamasosha awaseFrance kanti ibhilidi lacekelwa phansi, kwashona abantu abangaphezu kwama-60. Ayizange inikeze ubufakazi, futhi abakwaReuters abakwazanga ukuqinisekisa izimangalo.

Scroll To Top