Now Reading
Akube nokuthula kuxazululwe ukungaboni ngasolinye: EAC
Dark Light

Akube nokuthula kuxazululwe ukungaboni ngasolinye: EAC

Inhlangano yezohwebo i-East African Community (EAC) inxuse iziphathimandla zaseBurundi naseRwanda ukuthi zisebenzise izindlela ezinokuthula zokuxazulula ukungaboni ngasolinye ukuze kuzuze isifunda.

Ikhwelo likaNobhala Jikelele walenhlangano yezohwebo, uPeter Mathuki, liza ngemuva kosuku iBurundi imemezele ukuvalwa komngcele wayo neRwanda ngezinsolo zokuthi abaphathi baseKigali beseka amavukelambuso afuna ukuketula uhulumeni waseBurundi.

Izinxushunxushu phakathi kweBurundi neRwanda zinyuke ngoZibandlela odlule ngemuva kokuhlasela kwamavukelambuso eBurundi kwashiya enkundleni abantu abangama-20. Iqembu lamavukelambuso eBurundi elaziwa ngeRED-Tabara lavuma ukuthi kwabe kuyisandla salo.

UMengameli waseBurundi, u-Evariste Ndayishimiye, usole iRwanda ngokweseka amavukelambuso. I-Rwanda isichithile isimangalo.

See Also

NgoLwesine, uNgqongqoshe Wezangaphakathi eBurundi, uMartin Niteretse, umemezele ukuthi izwe selizovala umngcele wabo neRwanda futhi limisa ubudlelwano bezokuxhumana. I-Rwanda isichaze lesi senzo njengesiyishwa yathi sihlukumeza ukuhamba ngokukhululeka kwabantu nempahla phakathi kwala mazwe womabili.

Scroll To Top