INkatha yakhele esisekelweni esesikhona



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ngalesi sikhathi amaqembu amaningi kanjalo namalungu ebuzana khona ukuthi engabe ngubani ozoba sohlwini lwalabo abazoya ephalamende noma kusishayamthetho, babodwa ababuzana ekutheni engabe ngubani ozobe ezomela iqembu kwesobundunankulu.
Kuleminyaka eyedlule lokhu bekungeyona into ebixaka Inkatha Freedom Party (IFP). Leli qembu belilinda ukuya okhethweni bese kuthi emuva kokhetho bese limemezela ukuthi ngubani ozoba kusiphi isikhundla.
Nokho kubukeka izinto ziguqukile ngaphakathi nangaphandle kweqembu. Izinkulumo zangaphakathi nebezithinta izinsolo zokungaboni ngaso linye phakathi kuka mengameli weqembu uHlabisa kanye nosihlalo weqembu kusifundazwe uNtuli zifake ingcindezi eyisidingo. Ngenxa yalokhu ngaboni ngasolinye okubikwayo ngonyaka owedlule bekungazeki ukuthi engabe uHlabisa noma wuNtuli ozomela iqembu kusifundazwe.
Lolu daba lwabuye lwashutshiswa yisenzo seqembu ngaleso sikhathi lapho lafungisa khona uHlabisa njengelungu lesishayamthetho sesifundazwe uNtuli yena wasala ekubeni yikhansela. Kwenzeka konke nje lokhu umholi weqembu uMntwana nesekela lakhe iNkosi yaseMbongombongweni baseKapa. Omunye oseKapa ngunobhala uNgcobo.
Nokho leli qembu selikuqedile ukuqagela. Izolo (Msombuluku) limemezele uMnu uThami Authur Ntuli njengozomela leliqembu njengondunankulu wesifundazwe. Kulesi senzo kubukeka iqembu liqome ukwakhela kusisekelo esikhona kunokuqala kabusha.
Eminyakeni cishe emihlanu eyedlule leli qembu lethule uNtuli njengomholi onamava negqwele yezokuphatha kohulumeni bendawo. Ngesikhathi eseyiMeya eNkandla uNtuli qobo wenze okukhulu ukuphakamisa igama leNkandla ngale kukaZuma. Lokhu ukwenza ngesikhathi igama likaZuma lingaconsi phansi. Ubufakazi buthi uNtuli waphumelela ukuqinisekisa ukuthi iNkatha ayishabalali eNkandla njengoba uZuma wahluleka wancama ukunqobisa iqembu lakhe eNkandla endaweni lapho edabuka khona.
Kwathi lapho iqembu lijuba ukuba uNtuli ayophatha umasipala omkhulu kuneNkandla kwakhona abamungabazayo besho ukuthi ukuphatha umasipala omncane nowasemakhaya angempela kungefane nokuphatha indawo enkulu njenge-King Cetshwayo enedolobha nezinhlanga ezahlukene. Kuleminyaka eqokwe njenge meya yesifunda uNtuli wenze izimanga okuyinto nezimbangi zakhe ezingeke zakuphika.
Lo mholi ngokubambisana neqembu ukwazile ukuguqula isithombe ngomuntu oyilungu le-IFP. Kwake kwakhona inkolelo yokuthi ilungu le-IFP ngumuntu omdala obukeka ngendlela ethile, othanda izinto ezithile nogqoka ngendlela thizeni. Esebenzisa imicimbi eyahlukene wenze abantu banesithombe esehlukile ngeqembu lakhe nendlela elizimisele ukubusa nokuhola ngayo.
Imicimbi kamasipala wesifunda ebihlelwa ezingeni eliphezulu futhi iheha nabantu abehlukene iliphakamisile igama likaNtuli. Okunye okwengezile wukuqokwa kwakhe njengoSihlalo kaSalga KZN nokuluhlaka olumele omasipala. Lapha nakhona wenze okuhlukile njengoba ubezwakala njalo kuthelevishini, kumaphephandaba nasemsakazweni ephawula ngezithinta izingqinamba kohulumeni bendawo.
Phezu kokugxekwa ngabathile abebethi ‘usebenzisa uMntwana wakwaPhindangene’, uNtuli wenze okukhulu ekuqhakambiseni ifagugu loMntwana. Kusuka ekumenzeni ingxenye yemisebenzi nemicimbi emqoka kamasipala kuya ekuqambeni izinto ngaye konke lokhu ekwenza ekulumbanisa nomlando wendawo neqembu.
Njengoba amaqembu emaningi nje ubuso bukaNtuli bungobunye babaholi abakhumbulekayo nabaziwayo. Lokhu kusho ukuthi abe-IFP ngeke baqale phansi badayise ubuso bomuntu omusha kepha bazoqhubeka nalobo baloyo owaziwayo.
Efakaza ngoNtuli, uHlabisa uthe “ubufakazi bemisebenzi yakhe njengengqwele yentuthuko benza singabi nokungabaza ekutheni sithathe isinqumo esiyiso manxa siqoka uNtuli”.
Lenkulumo ikhomba ukuthi umkhankaso weqembu uzohamba noma uzokwakhela kulokho osekwenzekile, ukusabalalisa impumelelo yase-King Cetshwayo isifundazwe sonke.