Now Reading
I-IFP idle umhlanganiso okhethweni lokuchibiyela eBaqulusini
Dark Light

I-IFP idle umhlanganiso okhethweni lokuchibiyela eBaqulusini

I-Inkatha Freedom Party (IFP) iphumelele ukugcina uWadi 8 kuMasipala waseBaqulusini eFilidi emuva kokhetho lokuchibiyela ngoLwesithathu. Umbango omkhulu ubuphakathi kwe-IFP ne-African National Congress (ANC). Ukuvumbuka koMkhonto Wesizwe kwenze kwashuba kakhulu kulezi zimbangi. 

Ngokwemiphumela yeKhomishini Ezimele Yokhetho iNkatha ithole amavoti angama-505, i-ANC ivotelwe abantu abangama-336, UMkhonto Wesizwe ukwaze ukuthola amavoti angama-211, i-OEM ithole angama- 20, emsileni kwavala i-Economic Freedom Fighters (EFF) ethole ali-13 kuphela. Sebebonke abantu abavote kulolu khetho babe yi-1 085. Umuzwa emphakathini kube ukukhala ngesibalo esincane sabantu abaphumelele ukuvota.  

“Uma ubheka isibalo sabantu abavotile kunzima ukwamukela ukuthi ophumelele yingoba ethole amavoti afanele ngoba lesi sibalo asakhi isithombe esiyiso ngabantu ababhalisele ukuvota,” kuchaza ilungu lomphakathi uMnu uSiyaya ekhuluma nelaboHlanga izolo. Uthe njengoba wayekhona esikhungweni sokuvota wakuqaphela ukuthi iningi labavota kwakungabantu abadala, intsha yayigqoza. AboMkhonto Wesizwe eBaqulusini bathi bazobambisana nè-IFP ngoba inqobo ukuhambisa phambili izidingo zomphakathi. 

See Also

Emuva kokumenyezelwa kwemiphumela kuzwakale inhlokomo kwabe-IFP kuculwa izingoma zomzabalazo ziphelezelwa amahuthi ezimotweni. Ukhetho olulandelayo lokuchibiyela olubhekwe ngabomvu luzobanjwa ngesonto elizayo zili-14 kuNhlolanja kuWadi 2 oPhongolo. Lapha uMnu uMlungisi Simelane weMK ubanga noMnu uVusumuzi Buthelezi we-Inkatha Freedom Party (IFP).

Scroll To Top