Now Reading
IDA ayithenekanga amandla emveni kokuchithwa yiNkantolo
Dark Light

IDA ayithenekanga amandla emveni kokuchithwa yiNkantolo

Kungakapheli nehora iNkantolo  Enkulu ePitoli ikhiphe isinqumo ichitha iDemocratic Alliance (DA) ngesimangalo esifakile se-ANC sokujutshwa kwamaqabane ezikhundleni, isiveze ukuthi izosiphonsela inselelo isinqumo.

IDA inikele enkantolo emuva kokuthola imininingwane ku-ANC ngokujutshwa kwamaqabane ezikhundleni ifuna ukuba lolu hlelo lukaKhongolose inkanolo iluthathe njengolube nesandla ekugwamandweni kombuso, ukubhebhezela inkohlakalo nokuwohloka kokuhanjiswa kwentuthuko kubantu. 

Isinqumo seDA asigcinanga nje ngokuchithwa, yiNkantolo ibuye yayalela leli qembu ukuba likhokhe zonke izindleko zecala. Kubonakala lesi sinqumo singehlanga kahle kuDA okuthe emini bebade yakhipha isitatimende iveza ukuthi izosiphonsela inselelo isinqumo. Esitatimendeni ibeke kanje: “Ikomidi le-ANC lokujuba abantu ezikhundleni lagxambukela ekuqashweni kwabantu ezweni lonke, kwaze kwakapakela ngisho nakulabo abaqashwa kwezomthetho. Alukho udaba olungaphuthuma olumayelana noluthinta uMthethosisekelo kunalolu lokuphonsela inselelo iqembu elibusayo, futhi ngokuzivumela kwabo babulale lokho okuhlukanisa inhlangano nombuso ukuze bagwamande izinhlaka kuphinde kuzuze bona”. 

Isitatimende sithi amarekhodi atholwe iDA ephuma ku-ANC ngokujutshwa kwamaqabane aveza ukuthi kwaba khona ukugxambukela ngokungemthetho ekuqashweni kwabantu, yingakho lolu daba luze lwafika eNkantolo YoMthethosisekelo okungenkulu ezweni.

See Also

IDA ithi izoqhubeka nale mpi kuze kube isungula umgomo wezwe elizimele elibuswa ngemigomo ebhekelele bonke abantu. Leli qembu libe selinxusa abantu ukuba balivotele mhla zingama-29 kuNhlaba ukuze bakwazi ukukhipha izwe emakhamandeleni okujutshwa kwamaqabane ezikhundleni.

Scroll To Top