Sebethembe i-EFF ngezinsizakalo ngqangi abaseThekwini
Ezinkulungwaneni zabantu abahambele umbuthano wokwethulwa kwezethembiso zokhetho ze-Economic Freedom Fighters (EFF) eMoses Mabhida eThekwini into ebiphambili ukuthola ukuthi uma benika ithuba lokuphatha uMnu uJulius Malema uzoyilungisa kanjani inkinga kagesi. Ngaphandle kukagesi kwabaseThekwini okukhulu, kakhulu bekuwukuzwa nokuthi leli qembu lizongenelela kanjani ekulungiseni inkinga yamanzi.
UNks uSiwe Khomo waKwaNyuswa uthi okumsukumise kakhulu ukunengeka ngendlela uMasipala weTheku oholwa i-ANC osubahlukumeze ngayo ngamanzi. “Uyabona nje sesiphila ngokuthembela emalolini amanzi ngoba ompompi sebaba yimihlobiso.
Unyaka odlule uphelile singenamanzi saphinda savula u2024 kungesifanayo. Ngisho nekhansela lethu selakhuluma loma amathe lizihlangula ngokuthi inkinga isemuva nalo lisenkingeni efanayo” kuzikhalela uNks uKhomo. Uthi njengoba uMalema eseThekwini ubona kuyiyona ndlela abangayisebenzisa ukunikeza ithuba elinye iqembu okungenzeka lenze okwehlukile. Kuze kube yimanje izakhamizi ezingxenyeni ezithile eThekwini azinawo amanzi. Le nkinga ihlasele kakhulu KwaNyuswa eTshelimnyama, eVerulam, ePhoenix, nasoThongathi.
Iningi labantu ebelihambele umbuthano likhala ngokungabi bikhona kwentuthuko. Bathi kokunye baze baphoqeleke ukulahla imfucuza ezindaweni ezingafanele ngoba kuba inhlanhla uma imoto yomgqomo ifikile. UMalema uthe ukuzwile ukukhala kwabantu futhi umqulu wezethembiso zokhetho we-EFF uzoba isisombululo kkuningi okubhekene nabantu baseNingizimu Afrika. Uthi bazokwenza okwehlukile kwamanye amaqembu ezepolitki enza izethembiso angazilandeleli.Utshele izinkulungwane zabalandeli ukuthi uma bebakhetha ekuthatheni umbuso zonke izethembiso ezikumqulu wabo zizofezeka.
“Akekho umuntu ozoshiywa ngaphandle ngokungakhathalekile ukuthi ungubani.Lapha asenzi nje izethembiso kodwa siyazibophezela kukhona konke esikukhulumayo ngoba konke esikushoyo kuzokwenzeka”. Eqhuba uthe umqulu wabo wezethembiso zokhetho owabo bonke abantu kusuka kwaba sebenza ezindlini, onogada, othisha nalabo abagubuzelwe ububha. Inkundla ibigcwele phama abanye bethe shayi kuyo.
Ngeledlule elaboHlanga libike ukuthi abaholi baleli qembu esifundazweni babambe umoya ngokugcwalisa inkundla emuva kokuba kukhona abakhonjwa indlela ngenxa yokwehluleka ukukhokhela amabhasi ayezothatha abalandeli baye emgubhweni wokubungaza iminyaka elishumi kwasungulwa iqembu enkundleni iFNB nyakenye. Lo mholi uthwese uphaphe legwalagwala ngabantu baKwaZulu-Natal ngokuphuma ngobuningi.